Kushiswe idepho njengoba kuqhubeka isiteleka samatekisi eKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

ZIbabelelwa kwisikhombisa izimoto eziqhunyiswe ngebhomu edepho edolobheni laseKapa e-Delft izolo ebusuku.

Lesi sigameko sengeza ezigamekweni ezinodlame ezenzeke ezindaweni ezahlukene eKapa kusukela kuqale isiteleka samatekisi ngoLwesine.

Izimoto zabantu, amabhasi, nezimoto zezinkampani ziye zakhandwa ngamatshe zahlaselwa ngamabhomu kaphethiloli, okudala isimo sokwesaba esifundazweni.

Okudabukisayo ukuthi isiteleka sesidlule nemiphefumulo emibili kuze kube manje. Phakathi kwabashonile kubakwa nephoyisa, elidutshulwe amahlandla amaningi eNyanga.

Kukhona nelungu lo mphakathi elidutshulwe lisemotweni yalo.

UJP Smith, oyilungu leKomidi leMeya lezokuPhepha nokuVikela edolobheni uzwakalise ukukhathazeka kwakhe ngomonakalo odalwe edepho.

“Izimoto zeminyango ehlukene, okubalwa nezamaPhoyisa zicekeleke phansi,” usho kanje.

Uthe e-Atlantis amaphoyisa omgwaqo aphendule imibiko yodlame emphakathini okuholele ekutheni kuboshwe abasolwa abayisithupha abatholwe netekisi ebilayishe amathayi nezinto ezisetshenziswa ukuqubula umlilo.

USmith ukhulume ngeqhaza lenhlangano yamatekisi i-Santaco kulesi siphithiphithi esiqhubekayo.

“Yize i-Santaco izamile ukuziqhelelanisa nezenzo zobugebengu ezibonakale ezinsukwini ezedlule, le nhlangano bekumele ilindele ukuthi ukubiza isiteleka kuzodala lesi siphithiphithi,” kusho uSmith.

“Lokhu kwenzeka ngaso sonke isikhathi. Kufanele bakwamukele lokho.”

I-Santaco yethule uhlu lwezimfuno kwiDolobha.

USmith ugcizelele ukubaluleka kokuphepha kwabagibeli nabasebenzisi bomgwaqo.

“Kumele kucace ukuthi nakuba iDolobha lisayivumela i-Santaco ukuthi ibuyele ethimbeni elasungulwa phambilini, ngeke kube khona amaphuzu okuxoxisana mayelana nokusetshenziswa kwemithetho kazwelonke,” usho kanje.

Isakhamuzi esisaba ukwanda kodlame, sinxuse ukuba kulungiswe ngokushesha isiteleka samatekisi.

“Ngithandazela ukuthi iDolobha ne-Santaco bafinyelele esivumelwaneni ukuze kuphele lesi siphithiphithi. Uma izinto ziqhubeka kanje maduze zizogqekezwa izitolo abantu baqhubeke nokulahlekelwa izimoto nemiphefumulo,” kusho ilungu lo mphakathi.

Esithombeni esingenhla: Idepho yedolobha laseKapa, ​​e-Delft iqhunyiswe ngamabhomu kaphethiloli ngesikhathi kunesiteleka samatekisi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva