Kushiswe amatekisi njengoba kuqhubeka udlame lombango womzila e-Phalaborwa

Mbuso Nwayila

Isekude ukuphela impi yamatekisi e-Avanza nezinhlangano zamatekisi e-Phalaborwa, e-Limpopo.

Umzila unqamula emalokishini amane uye endaweni yezitolo okuwukuphela kwayo endaweni yase-Namakgale futhi zombili izinhlangano zikholelwa ekutheni zingabasebenzisi bomzila abafanelekile.

Eminyakeni embalwa edlule ibisetshenziswa ngokungemthetho ngama-Avanza. Ngokusho kukasihlalo weNhlangano yama-Avanza, u-Abel Mongwe, selokhu kwaqala umvalelo abanikazi bamatekisi sebebone kungcono ukuthi baqale bamise ama-Avanza anabagibeli emgwaqeni noma bashaye abashayeli bawo.

Nokho, okhulumela inhlangano yamatekisi, uKillion Mdhuli, utshele i-Scroll.Africa ukuthi inhlangano yama-Avanza yabahlasela kuqala.

“Abanazo izimvume zokusebenza kule migwaqo. Sinazo izimvume ngakho-ke kumele bayeke ukusebenzisa umzila. Kodwa abafuni ukuyeka futhi ngaphandle kokuthi iziphathimandla zenze okuthile, le mpi ngeke iphele maduze,” kusho uMdhuli.

Kodwa uMongwe akavumi.

“Lo mzila saqala ukuwusebenzisa kusukela ngowezi-2016. Safaka isicelo samaphepha ezimvume eminyakeni emibili edlule, kodwa asikaze siwathole,” esho.

Ukuhlaselwa kwazo zombili izinhlangothi sekuholele ekutheni kushiswe i-Avanza ka-Abel Mongwe ngaphakathi egaraji okusolwa ukuthi lishiswe ngabanikazi bamatekisi kanti ukuziphindiselela kwashiswa amatekisi amabili e-Lulekani nase-Namakgale ngesonto eledlule.

Ezikhathini eziningi uma lokhu kwenzeka abagibeli bashiywa dengwane okuholela ekutheni kungenelele imeya yendawo, abakwa-SAPS, nophiko lwezokuthutha esiFundazweni, befuna ukuthi ama-Avanza ayeke ukusebenza lo mzila kuze kufike isikhathi sokuthi bathole izimvume.

UMongwe uthe bazoqhubeka nokusebenza kuze kufike izimvume.

“Uma besibulala, bazosibulala. Kodwa kuze kube yileso sikhathi sizoqhubeka,” kusho usihlalo ongaguquki.

Okhulumela amaphoyisa ase-Lulekani uSayitsheni Reoh Mabunda uthe sebevule amacala amaningi odlame oluqhubekayo.

“Amacala aphenywa ngamaphoyisa esifunda, njengoba leli kuyicala elinzima,” esho.

Izihloko zakamuva