Moyahabo Mabeba
Kushiswe amatekisi amabili nemoto encane empini ephakathi kososeshini abayizimbangi base-Seshego nase-Mankweng okushiye abagibeli e-Polokwane besale dengwane.
Njengoba kunokungaboni ngaso linye phakathi kwezinhlangano zamatekisi, uMasipala wase-Polokwane, e-Limpopo, ukhethe ukumisa amabhasi wawo njengoba usaba ukuthi angase ashiswe.
UMarks Mamabolo uthe usanda kuqala ukusebenzisa amabhasi kaMasipala ngoba eshibhile kodwa manje akasenayo enye indlela kulandela isinqumo sokuwahoxisa.
Okhulumela uMasipala uThipa Selala ukuqinisekisile ukuthi amabhasi amisiwe okwesikhashana.
“Isinqumo sithathwe ngenxa yezinxushunxushu zamatekisi ezikhona edolobheni kusukela ngoLwesihlanu. UMasipala ubeke phambili izimfuno zomphakathi kanjalo nokuphepha nenhlalakahle yabathintekayo kanye nempahla,” kusho uSelala.
Abagibeli abathinteke kakhulu ilabo abasuke beya e-Polokwane besuka emalokishini ase-Seshego nase-Mankweng nalabo abahambela inxanxathela yezitolo e-Mall of the North.
UMeikie Ratsoma uthe akakwazanga ukuya emsebenzini e-Polokwane ngoba awekho amatekisi emgwaqeni.
“Izimpi zososeshini bamatekisi ziyasithinta kakhulu. Asihlanganise lutho nokuxabana kwabo ngemizila kodwa lokhu kuyasihlukumeza,” kusho lo mgibeli.
Okhulumela i-Mankweng Taxi Associations, uFrans Kgasago, ukuqinisekisile ukuthi amatekisi abo ashisiwe.
“Sibanga imizila okuholele ekutheni silahlekelwe ezinye zezimoto zethu,” kusho uKgasago.
Uzakwabo we-Seshego Taxi Associations, u-Ali Mothiba, uthe akazi ukuthi izimoto zishiswe ngubani.
“Akukacaci ukuthi ngubani oshise amatekisi kodwa lokho sizokuyekela emaphoyiseni ukuthi aphenye.”
Okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuPhepha kpmphakathi esifundazweni, uMnu uMike Maringa, uthe bayazama ukuletha ukuthula phakathi kososeshini.
Uthe, “NgoLwesihlanu sibe nomhlangano nososeshini ngenhloso yokuqeda udlame ngezingxoxo zoxolo. Njengamanje sitshale amaphoyisa omphakathi nezinye izinhlaka zomthetho, ikakhulukazi emizileni onezinxushunxushu.”