Kushiswe amatekisi angu-20 erenki yaseKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

  • Amatekisi angu-20 ashiswe ngobusuku obubodwa erenki yaseNyanga, kwashiya abanikazi bawo bedangele futhi besakweleta amabhange.
  • Udlame luza emuva kokushuba ezinyangeni ezidlule kanye nokushona kwabashayeli abangu-11 ngonyaka odlule empini yobuholi eqhubekayo.

Kushiswe amatekisi angu-20 erenki yaseNyanga eKapa ngeSonto ebusuku. 

Abanikazi bamatekisi abebekhathazekile bahlangane erenki bebheka ukuthi izimoto zabo azisindanga yini kulesi sigameko.

Omunye umnikazi olahlekelwe amatekisi amabili, ukhulume ne-Scrolla.Africa kodwa wacela ukuthi lingadalulwa igama lakhe.

“Ngihlukumezeke kakhulu futhi ngithukile ngalokhu, namanje ngisakuthola kunzima ukwamukela ukuthi ngilahlekelwe amatekisi, okubuhlungu ukuthi ngisawakhokhela angazi ukuthi ngizowunakekela kanjani umndeni wami ngoba sithembele kuwona,” kusho umnikazi wetekisi.

Kukholakala ukuthi umnyombo wenkinga ukuthi ngubani okumele alawule usoseshini kanye nezimali nokungaba yimbangela yokushiswa kwamatekisi. 

USihlalo we-Santaco e-Western Cape, uMandla Hermanus, uthe wonke amatekisi ashisiwe ngawe-Cape Amalgamated Taxi Association (Cata).

“Lo soseshini usube nezinkinga eminyakeni emibili edlule, sisola ukuthi lokhu kungase kube isiphetho sazo zonke izinkinga abebenazo. 

“Njengamanje simatasa sihlela umhlangano nobuholi bukasoseshini ukuze sizame ukuqonda ukuthi ngabe yini eholele ekutheni kushiswe la matekisi nokuthi ngabe kukhona yini abacabanga ukuthi yibo abathinteka kulokhu,” kusho uHermanus.

Uthe kucekelwe phansi amakhumbi angu-16 angama-Quantum namabhasi amane angama-Sprinter. Ama-Quantum amabili ashiswe ngoMgqibelo kanti abekule renki ezobamba isikhala.

“Sikholwa ukuthi umnyombo wenkinga ukuthi ubani okumele alawule usoseshini kanye nezimali.

Udlame lulandela ukushona kwabashayeli abangu-11 ngonyaka odlule.

“Sisola ukuthi inselelo ingaphakathi kwezinhlaka zabaholi balo soseshini wamabanga aphansi. Sizokhuluma nabo ngokuhamba kwesikhathi. Sifuna ukudlulisa yonke imininingwane engase isize abomthetho ukuze owenze lokhu aboshwe,” kusho uHermanus.

Uthe ukuphepha kwabagibeli kubalulekile. “Kuyinselelo enkulu, kodwa senza konke ukuqinisekisa ukuthi abagibeli bethu bavikelekile futhi baphephile ngoba ngaphandle kwabo ngeke sibe lapha.”

Onogada abagqoke amajakhethi okuphepha bavikela abagibeli.

“Ikamu lamaphoyisa liqhele ngo-300m ukusuka erenki yamatekisi; singanxusa nokuthi amaphoyisa abonakale ehambahamva eduze kulesi sikhathi esishubile.”

Ngenyanga edlule oshayasibhamu babulala unogada kwalimala abanikazi bamatekisi erenki eyodwa.

“Sike saba nesivumelwano kwaxoxiswana kwabonakala sengathi kudlulile ngoba kusukela kulesi sigameko sokudutshulwa kwabashayeli bese kuthulekile kwaze kwaba ngasekuqaleni kwalonyaka lapho kuqubuke impi phakathi konogada abangaphansi kwenhlangano eyodwa. Kuze kube yilesi sikhathi bese kuxazululekile, ngakho kusimangazile ukubona ukuthi le nto isiphinde yenzeka futhi okukhombisa ukuba yinto eyodwa efanayo neqhubekayo,” kusho uHermanus.

Esithombeni esingenhla: Isimo sishubile eNyanga Terminus eKapa lapho kushiswe khona amatekisi angaphezu kuka-15.

Umthombo: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva