Dylan Bettencourt
Isiteleka esikhulu samatekisi siphazamise umgwaqo onguthelawayeka ngoLwesine ekuseni u-N2 eduzane naseKapa njengoba kushiswe amabhasi amathathu.
Osomatekisi bamemezele ukuthi bazoteleka ngoLwesine ngenxa yezinkinga eziningi ezithinta imboni yamatekisi, okuhlanganisa nokuboshwa kwamatekisi.
Okhulumela idolobha laseKapa omelene ne-Traffic services, uRichard Coleman, uthe abashayeli bamatekisi bavale idolobha entathakusa e-New Way.
Njengoba isiteleka besishubile ngenxa yabagibeli abebedinwe begane unwabu, amabhasi amathathu akwa-Golden Arrow ashiswe endaweni yaseNyanga, e-Bloekombos nase-Mitchells Plain.
Okhulumela i-Cape Amalgamated Taxi Association (Cata) uMandla Hermanus uthe babalelwa ku-2 000 osomatekisi abazobamba iqhaza esitelekeni.
Abashayeli bamatekisi abebengeneme bamashela ehhovisi likaNdunankulu wase-Western Cape u-Alan Winde.
Nokho uWinde ubagxekile osomatekisi ngokuvumela isiteleka ukuthi singagcini ngokudala ukuphazamiseka edolobheni kodwa basivumele sibe nodlame.
“Angijabule ngempela. Bekumele bangithinte ngocingo bathi, ‘singathanda ukuza sizokubona’. Ngike ngahlangana nabo ngaphambilini futhi bayafika bahlale ebhodini sixoxisane,” etshela i-CapeTalk.
Abadayisi abaningi ezindaweni ezithintekile bavale iminyango yabo usuku lonke njengoba abasebenzi bengakwazi ukuya emsebenzini.
UNdunankulu uWinde uthe ukumisa umnotho akwamukelekile kanti ukukhandwa ngamatshe nokushiswa kwamabhasi akukho emthethweni.
“Asikho isidingo sokuphazamisa ngempela umnotho ngendlela abenza ngayo futhi nokuziphatha okungekho emthethweni kokushiswa kwamabhasi nokushawa kwawo akwamukelekile neze,” kusho uWinde.
Kuthe uma isimo sishuba, kwavulwa imigwaqo emikhulu ngezithuba zabo-10:30 ekuseni, abashayeli bamatekisi baqale imashi belibangise ehhovisi laWinde nasesiteshini samaphoyisa beyohambisa iMemorandamu enezimfuno zabo.
Amaphoyisa endawo abengakabophi muntu yize okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer uJoseph Swartbooi eqinisekisile ukuthi kwenzeke izigameko zodlame.
Umthombo wesithombe: @SaTrucker