Kushikisha ufudu kwimidlalo yangalempelasonto

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Umdlalo wamanqamu we-FA Cup phakathi kwamaqembu amabili aseManchester ungase ushube kule mpelasonto.

➤ I-Manchester City ne-Manchester United bazodlala kowamanqamu we-FA Cup enkundleni yezemidlalo i-Wembley ngempelasonto.

Isiphetho se-Manchester City sizokwaziwa emdlalweni wayo ne-Sheffield United ngo-5.45 ntambama ngoMgqibelo.

I-Manchester United izobe isikwazi ukuthi izobhekana naliphi iqembu kowamanqamu uma isidlala ne-Brighton & Hove Albion ngo-5.30 ntambama ngeSonto.

Womabili la maqembu ase-Manchester ayizintandokazi zokudlulela kowamanqamu kodwa i-Sheffield United ne-Brighton bazobe bezimisele ukukushintsha lokho.

Kuthiwa umqhudelwano we-FA Cup uza nemilingo futhi i-Brighton ne-Sheffield bazodinga ukwenza kakhulu ukuze badlulele kowamanqamu.

I-Manchester City ifuna ukuthatha lesi sicoco okwesithathu kulandelana njengoba ingalweli ukuthola i-FA Cup kuphela ifuna nokuwina isicoco se-Premier League nese-Champions League.

Ngakolunye uhlangothi i-Manchester United isingenile kwi-Europa League futhi izibekisele indawo kwamane ahamba phambili kwi-Premier League.

I-Manchester United idinga lesi sicoco kakhulu kunomakhelwane bayo kodwa i-Manchester City izothola injabulo emangalisayo ngokuyivimba ekutheni yenze njalo.

Yomibili imidlalo yamanqamu ye-FA Cup izokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 203.

➤ Ngisho nabalandeli abaqotho bomqeqeshi uJohn Dobson bazovuma ukuthi amaqembu akhe kwiWestern 

Province awazange enze kahle muva nje. NgoLwesihlanu bazophinde bahlolwe. Okugqame kakhulu emidlalweni ye-Currie Cup kufanele kube umdlalo wePumas ibhekene neWestern Province e-Nelspruit (ngo-4.30 ntambama). Kuwumdlalo onzima impela ukuwuqagela kodwa esikwaziyo ukuthi kuzoba umdlalo othakazelisayo.

Ngemuva kwamahora ambalwa (ngo-6.30 ntambama) amaStormers azobhekana neBenetton eKapa futhi iqembu lasekhaya kufanele liwine. Kodwa indlela i-United Rugby Championship ebiqhubeka ngayo kungenzeka noma yini.

Ukuthi amaSharks azobhekana kanjani namaCheetahs e-Bloemfontein (ngo-2.30 ntambama) kuyisivivinyo sangempela kuNeil Powell ofana noJohn Dobson ongazange abe nenhlahla kulokhu.

➤ AmaLions azodlala umdlalo wawo we-URC ngoMgqibelo e-Emirates Park (ngo-1 emini) ebhekene neZebre Parma okuyiqembu elihlulwa kakhulu kulo mqhudelwano. Kuyamangaza ukuthi iZebre phezu kokuthi ingawinanga nowodwa umdlalo we-URC isakwazi ukuphuma iyolwa njalo uma ingena enkundleni.

Ingabe imvuselelo ekhempini yamaBulls izoqhubeka uma iqembu likaJake White lidlala umdlalo walo onzima we-URC? Bazotholana phezulu neLeinster e-Loftus Versveld (ngo-4.05 pm). Kuzobe kuwumdlalo oshubile.

Umdlalo wesibili ozobe useLoftus ngoMgqibelo uzoba phakathi kwamaBlue Bulls namaLions (ngo-6.30 ntambama). AmaBulls ahamba phambili kodwa indlela amaLions adlala ngayo awakwazi ukuzitshwa.

Umdlalo owodwa okubikezelwa umphumela wawo uphakathi kweGriffons neGriquas e-Kimberley ngeSonto ngehora lesibili ntambama. Ngokuwina okukodwa emidlalweni eyisithupha iGriffons ibonakala ekhohliwe ukuthi yini okufanele iyenze ukuze iwine.

Yomibili imiqhudelwano owe-Currie Cup kanye nowe-United Rugby Championship izokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 201 no-211.

➤ Njengoba i-Manchester City izobe ingadlali emidlalweni ye-Premier League kule mpelasonto lokho kunikeza i-Arsenal ithuba lokunweba ukuhola kwayo phezulu etafuleni.

I-Arsenal izofuna ukuwaqoqa wonke amaphuzu amathathu uma ibhekene ne-Southampton ngehora lesishiyagalolunye ebusuku ngoLwesihlanu ngemuva kokudlala imidlalo emibili ilandelana.

Ukuwina kukaMikel Arteta neqembu lakhe le-Arsenal kuzoba ukukhuphula ukuhola kwabo ngamaphuzu ayisikhombisa ngaphambi kokuthi babhekane ne-Manchester City esondela ngokushesha ngoLwesithathu oluzayo.

Uhlu lwemidlalo ye-Premier League luzophinde lubone i-Liverpool ibhekene ne-Nottingham Forest ngehora lesine ntambama ngoMgqibelo kanti i-Newcastle United izokwamukela i-Tottenham Hotspur ngeSonto ngehora lesithathu ntambama.

Yonke imidlalo ye-Premier League izokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 203.

Esithombeni esingenhla: Owabakhaya baseManchester

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva