Elmon Tshikhudo
Sekuphele iminyaka emithathu amarekhodi ezezimali esikole samabanga aphansi i-Tshikombani ngaphandle kwase-Thohoyandou engacwaningwa. Yingakho i-School Governing Board (i-SGB) iphikelele ekuhloleni izincwadi ukuze kubonakale ukuthi imali yesikole isetshenziswa kanjani.
Kodwa ngoLwesibili ebusuku, ngaphambi kokuba izincwadi zihlolwe, i-admin block enawo wonke amarekhodi namakhompyutha esikole ashiswe aba umlotha.
Lo mlilo uyashaqisa futhi sekubuzwa imibuzo mayelana nesikhathi okwenzeke ngaso lo mlilo.
Ilungu le-SGB, uMnu uSamuel Lusunzi, uthe uzwe ngesigameko somlilo ngabo-10.30 ebusuku wabe esephuthuma esikoleni.
“Ngesikhathi ngifika khona ingxenye yonke yesikole ibisivele yokheleke ngamalangabi. Akukho lutho okuhlengekile kanti kulimale nempahla okubalwa kuyo ama-photocopy namakhompyutha emali elinganiselwa kuzigidi eziyi-R1.2,” esho.
Kunokukhathazeka okukhulu ngomphumela lokhu ongaba nawo kubafundi asebezoqala ukubhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka.
ULusunzi uthe kubaphatha kabi ukuthi kuqedwe umlando wesikole esakhiwa ngowe-1977 njengoba kucekelwe phansi wonke amarekhodi ngesikhathi kusha.
“Asingabazi ukuthi umlilo wenziwe ngamabomu,” kusho uLusunzi.
“Abantu abahlala eduze bathi bezwe ukuqhuma kanti lokhu kufakazelwe amagilasi aphahlazekile atholwe eqhele amamitha amaningi ukusuka ebhilidini lesikole.
“Sithemba ukuthi amaphoyisa azokwenza umsebenzi wawo futhi athole ukuthi kwenzekeni,” engeza.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Limpopo uTidimalo Chuene uthe uMqondisi Wesifunda kanye nethimba lengqalasizinda bazongena esizeni ukuyohlola isimo.
“Maduzane kuzohlanganiswa umbiko ophelele mayelana nalesi sigameko futhi yikhona okuzoqondisa ukungenelela kwethu esikhathini esizayo,” esho.