
Karabo Rammutla
Ngesikhathi izinhlansi ziqala ukundiza zisuka esigxotsheni sikagesi ngaphandle kwegceke likaKgomotso Malahlela, ushayele umasipala ucingo – kabili.
Ubengenalo ithemba lokuthi inkinga izoxazululeka, nangempela akwenziwanga lutho.
NgoLwesithathu ekuseni umndeni uvuke wathola umuzi wabo usengozini enkulu.
“Indodakazi yami ilunguze ngefasitela yasitshela ukuthi umlilo oqhamuka esigxotsheni uza endlini. Sithe siqeda kuphuma nje indlu yasha,” usho kanje.
Nyakenye umakhenikha wathuthela ngakumakhelwane wendlu yakwaMalahlela e-Soshanguve, enyakatho ne-Tshwane. Wabeka amathayi amadala eduze kwendlu. UKgomotso Malahlela wabikela umasipala kodwa waphinde wanganakwa.
Uthe lokhu abecabanga ukuthi kuzokwenzeka kugcine kwenzekile. Ngesikhathi umlilo uqala, amathayi amadala enze izinto zaba zimbi kakhulu.
“Amathayi abhebhethekise umlilo obulokhu uqhamuka esigxotsheni sikagesi,” esho.
Akuphelanga mizuzu emingaki umlilo ubususabalele futhi yize abezicishamlilo besheshe bafika endaweni yesigameko, besingekho isikhathi sokuhlenga lutho.
“Kubuhlungu kimina ngoba bekungavinjwa lokhu. Ngibike kabili. Bengazi ukuthi kuzovela inhlekelele kodwa uMasipala waseTshwane awuzange ungilalele,” echaza.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo e-Tshwane, uMnu Charles Mabaso, uthe baphendulile ngesikhathi kuqubuka umlilo bekungekho muntu olimele.
Okhulumela uMasipala wase-Tshwane uLindela Mashigo uthe bazophenya ukuthi kungani udaba lukaMalahlela lungazange luxazululwe.
“Kuyadabukisa ukuthi bathi balahlekelwe izinombolo zabo ngesikhathi somlilo,” esho. “Bekuzobalula ukuthi kulandelwe icala labo.”