Razeen Gutta
U-Idrissa Gueye we-PSG unconywe njengeqhawe ekhaya e-Senegal ngemuva kokubikwa ukuthi wenqabile ukufaka ifulegi lothingo ejezini lakhe ngokusho kukaBacary Cisse.
Lo mdlali oneminyaka engu-32 owazalelwa e-Dakar ubengekho ngesikhathi i-PSG ihlula i-Montpellier ngamagoli amane eqandeni ngenyanga edlule kanti umphathi uMauricio Pochettino uthe ushiywe ngaphandle ngenxa yezizathu zakhe.”
Umdlalo weLigi yokuqala ubungomhlaka-14 kuNhlaba lapho iligi ibifake khona ifulegi kuwo wonke amajezi abadlali njengengxenye yokulwa nokucwasa kwabantu abathandana nobulili obubodwa.”
Yize isinqumo sikaGueye sidale izinkulumo eziningi e-Europe, e-Senegal akuzange kube kubi kangako kanti nomeluleki kaSadio Mané uBacary Cisse ukubize lokhu njengephutha.”
“Akumele sikhohlwe ukuthi uGueye wazalelwa e-Senegal. Ukhulele khona wafunda khona. Siyakuhlonipha konke okwenziwa abanye, kodwa asibalandeli ngokwesiko labo,” kusho uCisse.
“UGueye usekwa yibo bonke abantu base-Senegal nabase-Afrika. Kulokhu akumele sicwase lo mdlali ngoba naye umbono wakhe nelungelo lakhe.
“Uthathwa njengeqhawe e-Senegal futhu nakithi uGueye uyiqhawe. Ukube wenze ngenye indlela besizothuka kakhulu.”
Uzakwabo kaGueye uCheikhou Kouyate naye udale isiphithiphithi ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi ebonakala eseka uzakwabo weqembu lesizwe ngombhalo ku-Instagram.
“Uyindoda emadodeni, iqhawe, umpetha webhola siyakweseka ngenhliziyo yethu yonke,” kusho lo mdlali wasesiswini we-Crystal Palace ekhasini lakhe, elibuye lacishwa.
Umphathi kaKouyate uPatrick Vieira owazalelwa e-Senegal utshele abezindaba ngaleso sikhathi ukuthi ukuphawula komdlali wakhe kuzodingidwa ngaphakathi.
Umthombo wesithombe: @CNN