Kushaqwe owesilisa obephethe izishaqana zemali

Everson Luhanga

Ngesikhathi amaphoyisa omphakathi emisa owesilisa  kwisivimbamgwaqo e-Alexandra ngoMgqibelo amthole ephethe u-R13 300 avele asola ukuthi usebenzisana nezigebengu. 

Kodwa ngesikhathi bethi akachaze ukuthi kungani enemali engaka, impendulo yakhe ivele yashaqisa.

Lo wesilisa utshele amaphoyisa ukuthi ubefisa ukuyobona intombi yakhe enkabeni yedolobha laseGoli, kodwa ubengenayo imali yokuya khona.

Ngakho-ke wanquma ukuboleka u-R100 kunina.

Ube eseshaywa uvalo waqaphela ukuthi umama wakhe uzoyibona   imali eshodayo ngakho-ke ngaleso sizathu unqume ukuyithatha yonke imali engu-R13,300.

Ejabule ngesu lakhe eliwubuciko, lo wesilisa uthathe uhambo eyobona isithandwa sakhe. 

Nokho izinhlelo zakhe zabhuntsha ngesikhathi ebanjwa amaphoyisa.

Amaphoyisa ashaqe le mali njengoba kuyingozi kakhulu ukugcina imali engaka emzini wakho. Kodwa batshele lo wesilisa ukuthi bazoyigcina iphephile futhi kumele abuye ngoMsombuluko ezoyilanda.

Uthe ubefuna ukubona intombi yakhe kuphela ngoMgqibelo ebusuku. 

Kodwa ngeshwa i-Alexandra iyindawo okungafanele uhambe kuyo ngempelasonto ngoba kugcwele amaphoyisa asuke eqaphile kulandela ukwanda kobugebengu obubucayi, okuhlanganisa ukubulala nokuphanga kuhlonyiwe.

NgeSonto uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ubambe imbizo yobugebengu noKhomishana wamaphoyisa e-Gauteng uLieutenant Colonel Elias Mawela ngenhloso yokuqeda ubugebengu kuleli lokishi elibhekene nezinkinga. UCele uhlangane nezakhamuzi walalela izikhalo zazo.

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi e-Gauteng uFaith Mazibuko ubashayele ihlombe abaqaphi ngokuthola lo wesilisa.

UNgqongqoshe uMazibuko uthe ukube izigilamkhuba bezazi ukuthi unina ugcina leyo mali bekungamfaka engozini.

Kodwa mhlawumbe uzoba sengozini enkulu nakakhulu uma umama wakhe ethola ngamaqhinga akhe!

Izihloko zakamuva