Kushaqwe izimoto zikamasipala waseGoli

Lubhalwe nguLungani Zungu

Umkhankaso waseGoli wokuqeda ubugebengu ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi ungase uphazamiseke ngemuva kokuthi izimoto ezingaphezu kuka-2 500 zikamasipala waseGoli zishaqwe inkampani eqashisa ngezimoto i-Avis.

Kushaqwe izimoto zamaphoyisa kamasipala, amaloli e-City Power kanye namaveni amanzi aseGoli ngoLwesithathu kanti lokho kuphoxe izakhamizi zikamasipala eziyizigidi eziyisithupha.

Oyilungu leKomiti eliPhezulu leMeya uMcKinnely Mitchell okhulumela i-Group Corporate and Shared Services kanye noLeah Knott bakuqinisekisile ukushaqwa kwezimoto esitatimendeni.

Izimoto zithathwe ngemuva kokuthi uMgcinimafa kaZwelonke ehlabe umkhosi ngethenda eyanikezwa i-Avis and Afrirent ngo-2020, wamemezela ukuthi yayingekho emthethweni wase eyalela umasipala ukuthi ayihoxise.

“Lolu bishi saluthola kwi-ANC: inkontileka ebilokhu yelulwa ngendlela engafanele nophenyo lungenziwa,” kusho uMitchell.

Kuyaqondakala ukuthi ithenda yezimoto ebinombango – yenani elingaphezu kuka-R2 billion – yaqedwa ekupheleni kukaMfumfu umfelandawonye oholwa i-DA ohlanganisa amaqembu amaningi.

Umfelandawonye we-ANC wenze isiphakamiso emkhandlwini ukuthi lezi zimoto ziqhubeke nokusebenza kuze kube kuphothulwa uphenyo. Kodwa izinto ziye zashintsha ngemuva nje kokuthi umfelandawonye we-DA ulandele imiyalelo kaMgcinimafa.

“Umasipala uqale uphenyo ukuthola ukuthi ngabe i-Afrirent ibakhokhele yini osopolitiki,” kusho uMitchell.

“Ukubuka nje izinombolo zikhombisa ukuthi umasipala ubungayitholi imali.”

Amathenda ezimoto zokucima umlilo kanye nezimoto eziqoqa imfucuza ziseceleni ngakho ngeke ziphazamiseke.

ILungu leKomiti eliPhezulu leMeya lezokuPhepha koMphakathi uDavid Tembe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi unesiqiniseko sokuthi lokhu ngeke kuphazamise umkhankaso kamasipala wokulwa nobugebengu.

“Sizoqhubeka nokubeka phambili ukuphepha kwezakhamizi zaseGoli. Izikhulu zikamasipala zibhekene nalolu daba.

“Ngokombono wethu ngokuphepha koMphakathi, sisendleleni yokuvikela kanye nokuqinisa umthetho kamasipala.”

Umasipala waseGoli ube isizinda sombango phakathi komfelandawonye oholwa i-DA kanye nomfelandawonye oholwa i-ANC.

Umholi we-ANC eGoli noke waba yimeya uDada Morero uveze ukuthi ukungakhokhelwa kwezinsiza umfelandawonye oholwa i-DA okuholele ekushaqweni kwempahla.

Esithombeni esingenhla: Izimoto ezingaphezu kuka-2,500 zikamasipala waseGoli ezishaqwe

Umthombo wesithombe: @MayorDadaMorero

Izihloko zakamuva