Kushaqwe izimoto ezimbili zikasopolitiki wase-Zimbabwe

Dylan Bettencourt

Uphiko olulwa nenkohlakalo e-Zimbabwe lushaqe izimoto ezimbili zikanokusho ezibiza inani elilinganiselwa ku-R10 million zeLungu lePhalamende uJustice Mayor Wadyajena zilibangise kuleli.

Imoto yohlobo lwe-Lamborghini Urus ephuzi kanye ne-BMW X6 ebomvu zimiswe e-Beitbridge ngemuva kwezinsolo zenkohlakalo mayelana noWadyajena, ngokombiko we-Herald Zimbabwe.

UWadyajena oyilungu leqembu elibusayo iZanu-PF, uboshwe ngesonto eledlule i-Zimbabwe Anti-Corruption Commission (Zacc) ngamacala okukhwabanisa kanye nokushushumbisa imali elinganiselwa ku-R100 million ayithola enkampanini kakotini kahulumeni, i-Cottco.

Lo sopolitiki usolwa kanye noMphathi we-Cottco uPius Manamike, umphathintambo wezokumaketha uMaxmore Njanji, uFortunate Molai onguchwepheshe kwezokuthenga kanye noChiedza Danha ongumqondisi we-Pierpont Moncroix.

Abasolwa badedelwe ngebheyili ka-R10 000 ngesonto eledlule imantshi yase-Harare uStenford Mambanje.

Inkantolo inqume ukuthi umbuso awuvezanga ubufakazi obanele bokuthi kunengozi yokuthi uWadyajena agxambukele enkampanini kakotini, kubika i-New Zimbabwe.

Imibiko iveza ukuthi iLungu lePhalamende nabanye abathathu ababoshiwe bakhwabanise u-R100 million enkampanini kakotini ngemuva kokuthatha imali okuthiwa inkampani ikhokhele ngayo izimpahla ezingekho ukuze bakhokhele amaloli nezinye izinto eziwubukhazikhazi ezahlukene.

Ngemuva kokulwa kwakhe enkantolo, kuthiwa uWadyajena ususe izimoto zakhe zikanokusho e-Harare ngenhloso yokuzozibeka kuleli uma kwenzeka umbuso ufuna ukuzidla.

Kuthiwa lezi zimoto bezibhekise amabombo kuleli lapho ebezizohlolwa khona ngokujwayelekile kodwa kuthiwa ngesikhathi zibanjwa zombili zibuyiselwe e-Harare.

Ukwengeza okunye osizini lukaWadyajena, inqwaba yamaloli angu-22 enkampanini yakhe i-Mayor Logistics nawo ashaqwe uphiko olulwa nenkohlakalo.

Umthombo wesithombe: @ZBCNewsOnline

Izihloko zakamuva