Kushaqwe izilwane emzini kagobela eBloem

Dylan Bettencourt

Ngesikhathi abenhlangano evikela ukuhlukunyezwa kwezilwane (i-SPCA) e-Bloemfontein bebizelwa emzini wesangoma bezohlenga izinkawu, bafike bashaqeka uma bethola nezinye izilwane ezingaphethwe ngendlela.

Bebecabanga ukuthi bazohlenga izinkawu ezinhlanu kodwa baphinde bathola ufudu, izinkukhu nezinja eziningi.

Siphatheke kabi ngokulahlekelwa izilwane zaso isangoma, kuthiwa sithathe ibhakede elinamanzi anombala ophuzi sathakatha iqembu ngesikhathi lithungatha.

Abakwa-SPCA baqale banqatshelwa ukungena endlini yesangoma nakuba bebenegunya lokubheka endlini.

Samsung Galaxy 14G

“Ngaphambi kokuthi singene kule ndawo, silinde amahora amabili kanti umnikazi wendawo ubecashe endlini yakhe.

Ngesikhathi sivula igalaji obekugcinwa kulo izinkawu, sivele sashaqeka,” ngokusho kwesitatimende sabakwa-SPCA.

Abakwa-SPCA bathi lolu ketshezi abathakathwe ngalo belubonakala kwizinkawu, bathi basola ukuthi isangoma sahlukumeza izilwane sisebenzisa lolu ketshezi.

Le nhlangano yengeze ngokuthi isimo eziphila ngaphansi kwaso lezi zinkawu siyashaqisa. Bafice izilwane zivalelwe egalaji elishisa ngendlela ethusayo.

I-SPCA ithe izinkawu zithukile ngenkathi zibona ukukhanya njengoba igalaji ebezivaleleke kulo belingenalo ilanga.

“Sime egalaji umzuzu owodwa kodwa bekushisa ngokweqile, futhi ukucabanga nje ukuthi izinkawu bekufanele zihlale ngaphakathi kuleli galaji ngaphandle kokudla namanzi,” kusho inhlangano yezenhlalakahle yezilwane.

“Ikheji belingcole kangangoba bekugcwele indle nomchamo. Lokhu kudale ukusha ezandleni nasezinqeni zezinkawu.”

Ngemuva kokuthola lezi zinkawu, inhlangano iqale ukusesha yonke indawo. Ngokushesha bathole ufudu, izinja obekubonakala sengathi zinesifo esibizwa nge-parvo, kanye nezinkukhu.

Manje izilwane sezikhishiwe kule ndawo, futhi kuphenywa amacala okuhlukumeza izilwane abhekene nesangoma.

Umthombo wesithombe: @BloemfonteinSPCA

Scrolla World Cup Quiz