Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa abophe abathumbi abayisishiyagalombili esigamekweni esenzeke e-Lenasia eningizimu adlulela e-Fourways enyakatho neGoli, ahlenga usomabhizinisi aseshaqa nezidakamizwa zenani lika-R300 million.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe usomabhizinisi wathunjwa ngomhlaka-5 kuNtulikazi e-Mosque e-Roodepoort.
Abathumbi bafuna u-R5-million ukuze akhululwe.
Utakulwe emzini ose-Lenasia ngoLwesithathu ngaphandle kokukhishwa kwemali.
UBrigadier Mathe uthe ithimba leSAPS elimelene nokuthumba belisebenza ngaleli cala labopha abasolwa ababili bokuqala ngesonto eledlule.
“Ngomhlaka-31 kuNtulikazi, abezobunhloli baholela ithimba ehhotela elise-Eastgate nasezindlini ezimbili e-Fourways lapho babopha khona abasolwa abayisithupha bashaqa nezidakamizwa okusolwa ukuthi i-crystal meth zenani lika-R300-million.”
Lezi zidakamizwa zixhumene nelinye icala lobugebengu. Ngesikhathi ithimba leScrollla.Africa lifika endaweni yesigameko, izikhwama zezidakamizwa ezivaliwe beziphansi endaweni evikelekile amahora angu-24.
Bekugcwele inqwaba yabaseshi abebelandela leli cala.
UKhomishana kaZwelonke wamaPhoyisa uGeneral Fannie Masemola uvakashele indawo yesigameko nePhini likaKhomishana kaZwelonke wokuTholwa kobuBebengu, uLieutenant General Shadrack Sibiya, kanye noKhomishana wesiFundazwe saseGauteng, uLieutenant General Tommy Mthombeni.
UGeneral Masemola uthe amaphoyisa asebenza kanzima ukulwa namaqembu obugebengu obuhleliwe.
“Sesenze inqubekela phambili encomekayo emasontweni edlule, sibonga amaphoyisa ethu azinikele kanye nozakwethu, okuhlanganisa nezokuphepha ezizimele. Sizoqhubeka nokulandela labo ababandakanyeka ekushushumbiseni izidakamizwa,” kusho uGeneral Masemola.
Isithombe esingenhla: Izikhwama ezivaliwe zezidakamizwa
Umthombo wesithombe: Everson Luhanga