Sekuphele unyaka kwabulawa umsubathi wase-Kenya u-Agnes Tirop. Kodwa kuze kube manje ubulungiswa abukakenziwa.
Lo msubathi (25) watholwa eshonile emzini wakhe osedolobheni lase-Iten e-Kenya enamanxeba okugwazwa entanyeni nasesiswini.
Kodwa-ke, ezinyangeni ezingu-12 kamuva alikaqulwa icala lomyeni wakhe u-Ibrahim Rotich osolwa ngokumbulala.
“Ngibhekana nobuhlungu kanye nokudabuka nsuku zonke selokhu kwabulawa u-Agnes,” kusho umama ka-Agnes, uDinah etshela i-BBC Sport Africa.
“Namanje ngisamzilela. Angikaze ngikuthole ukuthula selokhu kwashona indodakazi yami.”
UTirop wabulawa ngesikhathi ezama ukukhombisa amakhono akhe emhlabeni jikelele.
Kusele inyanga eyodwa ukuthi ashone, uTirop waqopha umlando e-Germany emjahweni wabesifazane we-10km.
UTirop uphinde waqeda endaweni yesine emqhudelwaneni we-5,000m kuma-Olympics ase-Tokyo.
URotich uyaqhubeka nokuphika noma yikuphi okumayelana nokubulawa kukaTirop ngemuva kokuboshwa njengomsolwa ohamba phambili. Selokhu agqunywa ejele ngemuva kwalesi sigameko.
Ubaba ka-Agnes, uVincent uthe ukulinda ubulungiswa sekuthathe isikhathi eside.
“Kuhamba kancane kakhulu. Njalo uma siya enkantolo kusuke kuyolalelwa icala. Icala aliqhubeki.
“Balokhu bethi asibuye ngenyanga ezayo,” esho.
Kwesinye isikhathi bathi ijaji alikho futhi angazi ukuthi kungani. Isikhathi siyahamba. Akubukeki kahle lokhu ngoba vele unyaka usuphelile akukho nqubekela phambili.
Esifundeni sase-Nandi zonke izindondo uTirop aziwinile emsebenzini wakhe zibekwe egumbini abamenzele lona.
“Siyajabula njalo uma sibona lezo zindondo,” kusho uVincent.
“Sibonga uNkulunkulu ngezindondo azilethile kanye nemizamo ayenzile ukuze aphakamisele phezulu ifulegi lase-Kenya. Ubewusizo ezweni futhi ubengenza okunye okungaphezu kwalokhu.”
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Osesithombeni esingenhla: U-Agnes Tirop
Umthombo wesithombe: @SkySports