
Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo
Umqeqeshi wesikhashana uFrank Lampard ukholelwa ekutheni i-Chelsea “ayiphukile” kodwa iqiniso ukuthi zonke izinto zikhomba ukuthi iyiqembu elisenkingeni.
Umshayimagoli we-Chelsea ohamba phambili nowayengumqeqeshi wayo uLampard uqashelwe ukuthi aqedele isizini naleli qembu ngemuva kokuxoshwa kukaGraham Potter.
Ukusayina kukaLampard oyinqalabutho othandwayo okwesikhashana bekuwumzamo wokulungisa ubudlelwano phakathi kwabalandeli neqembu kanye nokubuyisa umoya wokulwa.
Ukuqokwa kwakhe kugujwe abalandeli kodwa uma kubhekwa irekhodi likaLampard njengomqeqeshi kunokungabaza emhlabeni webhola. Imibiko engaqinisekisiwe yokuthi umsakazi wakumabonakude wohlelo lwasebusuku uJames Corden oyindoda eyaluleka uBoehly ukuthi aqashe uLampard ayizange ilisize iqembu.
Manje ngemuva kwemidlalo emithathu akubanga njalo.
I-Chelsea ihlulwe kuyo yomithathu imidlalo selokhu kwabuya uLampard kungesikhathi bebhekene ne-Brighton & Hove Albion ngempelasonto. Isimo besibonakala sisibi kakhulu e-Stamford Bridge.
Ngemuva komdlalo umnikazi weqembu obebukeka ekhathazekile uTodd Boehly unqume ukugasela egumbini lokugqokela wakhuluma nabadlali futhi kubikwa ukuthi ubize le sizini ngokuthi “iyihlazo.”
Kubikwa ukuthi ukhombe omunye wabadlali abasha abasayiniswe ngemali enkulu eqenjini kodwa lokho akuzange kwehle kahle kulo mdlali ongadalulwanga igama okubikwa ukuthi usefuna indlela yokuphuma eqenjini.
Kuzo zonke izinto ezingalungile azishiwo nezenziwe uBoehly ukubiza le sizini ngehlazo akuyona enye yazo. Kodwa uLampard uyakuphika lokho.
“Asikho lapho esifuna ukuba khona. Ngicabanga ukuthi igama elithi leli qembu ‘liphukile’ liyihaba. Indawo yeligi ingokoqobo futhi siphansi ngo 2-0 (sibhekene neReal),” esho ngaphambi komdlalo womlenze wesibili ngoLwesibili.
Ukuthi i-Chelsea iphukile kungase kubonakale kuyinto embi kodwa ukulahlekelwa kanye nokuntuleka kobunikazi kuchaza inkinga kuleli qembu.
Leli qembu lase-London lihlezi endaweni yesi-11 ku-Premier League kanti liphume ku-Uefa Champions League ngemuva kokuhlulwa i-Real Madrid kuma-quarter-final.
Ukushaya amagoli angu-30 kuphela emidlalweni engu-31 ye-Premier League akuyona inkinga. Nokuthi kungabibikho noyedwa kubaphathi abathathu othatha izintambo ngesizini eyodwa. Nokusayinisa inqwaba yabadlali nakho akuyona inkinga.
Ayikho indlela eqondile ku-Chelsea futhi lokho inkinga enkulu. Ukungazi ukuthi ikusasa liphetheni noma ukuthi isixazululo singaba yini kwenza i-Chelsea ibe iqembu eliphukile.
Kunzima ukucosha izingcezu zeqembu eliphukile. Abasekeli be-Manchester United bangakufakazela lokho njengoba iqembu labo seliqala ukwenza kahle.
Akukho ukungabaza ukuthi i-Chelsea isengalungisa izinto ngoba ukuwina kathathu noma kane kuzobuyisela iqembu efomini yalo kodwa alikho igoli elingenandlela.
I-Chelsea idinga ukuzazi. Badinga okuthile abangabambelela kukho ngezikhathi ezinzima; badinga umbono okhuthazayo. Ukuqhakambisa imali ezinkingeni bese uthemba ukuthi konke kuzodlula akusona isixazululo.
I-Chelsea ingaba nezinkinga kodwa idinga ukuqikelela ukuze ingabhidliki ngokuphelele. Bangase babe ngemuva kwamanye amaqembu eminyakeni ezayo.
Esithombeni esingenhla: UFrank Lampard
Umthombo wesithombe: Chelsea