Kusengenzeka noma yini kweye-ANC kaZibandlela

Lubhalwe nguZukile Majova

Amanye amadoda e-ANC ahamba phambili ngokuqokwa ngamagatsha angalindela isimanga engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoZibandlela.

Sisodwa kuphela isikhundla (esephini likanobhala) kwi-ANC esibangwa ngabesifazane, kanti abesilisa kuphela abaphakanyiselwe kwezinye izikhundla ezinhlanu (esikaMengameli, iphini likaMengameli, usihlalo kazwelonke, unobhala-jikelele kanye noMgcinimafa-jikelele).

Ngokwemigomo ye-ANC yokulingana ngokobulili, zonke izinhlaka zenhlangano kumele zibe no-50% wabantu besifazane.

Lokho kusho ukuthi izikhundla ezintathu kweziyisithupha eziphezulu kumele zithathwe ngabesifazane.

URamaphosa oya engqungqutheleni esekelwe amagatsha e-ANC angaphezu kuka-70%, useqinisekise amagatsha ukuthi kuzoqinisekiswa ukulingana ngokobulili engqungqutheleni kazwelonke yesi-55.

“Umgomo wokulingana ngokobulili awukwazi ukubukelwa phansi futhi ngifuna ukusho kinina ukuthi lokho kuzoqinisekiswa engqungqutheleni,” esho.

Ngesikhathi kunengqungquthela yenqubomgomo ngoNtulikazi, uRamaphosa uthe alukho uhlaka lwe-ANC oluzoba khona ngaphandle kokungena  kwabesifazane ezikhundleni ngendlela efanele.

“Kusukela ezinhlakeni zethu, kuzo zonke izinhlelo nakuzo zonke izinto esizenzayo njenge-ANC kumele kube nokulingana.

“Sivumelene ngokuthi lokhu kuwumthwalo wawo wonke umuntu futhi akuwona umsebenzi wabesifazane kuphela,” kusho uRamaphosa.

Ukuqalwa ngempumelelo kwemihlahlandlela yokulingana ngokobulili kulindeleke ukuthi kubonakale ezingxoxweni ngaphambi kokuthi izithunywa ezingu-5,000 ziqale ukuvotela ubuholi.

Ngaphandle kwabayisithupha abaphezulu, isigungu esiphezulu se-ANC siphinde sakhiwe amanye amalungu angu-80. Kulaba akumele abesifazane babe ngaphansi kuka-40.

Igqugquzelwa ukuthi uMengameli weseka ukulingana ngokobulili, i-ANC Women’s League ifuna leli qembu elineminyaka engu-110 lasungulwa liqoke owesifazane ozoba iphini lokuqala likaMengameli.

Njengoba sekuphakanyiswe abantu abangu-2 007 uRamaphosa nguyena oyintandokazi ukuqokwa esikhundleni sikaMengameli, kanti amagatsha angu-1 791 afuna uPaul Mashatile aqokwe njengephini likaMengameli ngesikhathi angu-1 492 ephakamisa uStanley Mathabatha esikhundleni sikaSihlalo kazwelonke.

OwayenguNobhala KwaZulu-Natal, uMnu Mdumiseni Ntuli uphakanyiswe ngamagatsha angu-1 225 esikhundleni sikaNobhala Jikelele, uNkk Nomvula Mokonyane ophume phambili kwesePhini likaNobhala Jikelele njengoba ephakanyiswe amagatsha angu-1 779 ngesikhathi uBenjamin Chauke ophakanyiswe angu-552 ehamba phambili esikhundleni sikamgcinimafa-jikelele.

Esithombeni esingenhla: Amalungu e-ANC esifundeni iDullah Omar eKapa.

Umthombo wesithombe: @MyANC

Scrolla World Cup Quiz