Lubhalwe nguRazeen Gutta
Umdlalo omangalisayo we-Indian Premier League usufike emaphethelweni njengoba sekusondele ama-playoffs.
NgoLwesibili ebusuku e-Lucknow, uRohit Sharma uwine i-toss futhi wakhetha ukungena kuqala kanti i-Mumbai Indians isanda kugijima emdlalweni yakamuva ekhiphe imiphumela emihle.
Abaphosayo baqale ngoJason Behrendorff kwathi i-Australian yathola amawikhethi amabili kwi-over yesithathu ngaphambi kokuthi uPiyush Chawla athole u-Quinton de Kock ngemuva nje kwe-powerplay.
Phakathi nendawo, uMarcus Stoinis (33) ubengasabambeki njengoba eqede engahluliwe ku-89 ukuze atholele ama-Super Giants amaphuzu angu-177/3 kuma-overs awo angu-20.
U-Ishan Kishan noSharma baqale kahle kakhulu, unozinti wafika kwi-half century kanti ukaputeni ukhishwe enamaphuzu angu-37.
UTim David wenze kahle ngokuthola amaphuzu angu-32 ku-19, kodwa umdlalo ubungabadlali abaphonsayo njengoba uYash Thakur noRavi Bishnoi ngamunye bethole amawikhethi amabili ukuvimba izivakashi komunye umdlalo oyimpumelelo.
Ukuwina kwabo ngamawikhethi amahlanu kubashiye endaweni enhle yokwenza ama-play-offs ngaphambi komdlalo wabo wokugcina bedlala ne-Kolkata.
Nokho kusengenzeka noma yini futhi uma i-Mumbai inqoba umdlalo wayo wokugcina weligi, i-Royal Challengers Bangalore idlule entanjeni kowamanqamu abo amabili, i-Lucknow isengahluleka ukungena kumaqembu amane aphambili uma iihlulwa ukushaya i-Knight Riders.
Isithombe esingenhla: UYash Thakur
Umthombo wesithombe: @IPL