Celani Sikhakhane
USomlomo wePhalamende likazwelonke uNosiviwe Maphisa Nqakula uthi kusempondo zankomo ukuthi bangaqagela ngomlilo oqubuke ePhalamende nokuthi ngabe iPhalamende liyahlaselwa, njengoba umlilo usaqhubeka nokuvutha ezakhiweni zePhalamende eKapa.
UMaphisa Nqakula uhlangane nesithangami sabezindaba ngeSonto ekuseni, ngemuva kwamahora kuqubuke umlilo esitezi sesithathu sebhilidi elidala lePhalamende ogcine usudlulela nakwamanye amahhovisi ePhalamende likazwelonke.
Uthe uma iPhalamende lihlaselwa, lokho kusho ukuthi iNingizimu Afrika yonkana iyahlaselwa.
“Ngiyabaxwayisa labo abasebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuthi baqaphele baphinde bayeke ukuqagela ngalo mlilo oqubuke ePhalamende,” kusho uMaphisa.
“Ngilinde uNgqongqoshe obhekelela imisebenzi yomphakathi uPatricia de Lille kanye namaphoyisa ukuthi banginike umbiko ngalolu daba,” kusho uMaphisa Nqakula etshela izintatheli.
“Uma iPhalamende lihlaselwa kusho ukuthi kuhlaselwa konke okwakulwelwa abantu baseNingizimu Afrika. Bonke abantu baseNingizimu Afrika kufanele basondelane baqaphele ngoba ukuhlaselwa kwePhalamende kuwukuhlaselwa kwentando yeningi,” kuchaza uMaphisa.
UMengameli uCyril Ramaphosa uvakashele isakhiwo sePhalamende ngeSonto ntambama.
“Lesi isigameko esingesihle okufanele ngabe sithusa wonke umuntu,” kusho uMengameli. “Lokhu kuyasethusa, njengoba kuza ngemuva kosuku lapho kade siphelezele khona u-Archbishop Desmond Tutu ongasekho.”
URamaphosa uqinisekise umbiko wamaphoyisa oveze ukuthi kuboshwe owesilisa, okugcinwe kutholakala ukuthi uneminyaka engu-51 ubudala. “Ngikholwa ukuthi kukhona oseboshiwe futhi uphekwa ngemibuzo,” kuchaza uMengameli.
Umholi we-United Democratic Movement, uGeneral Bantu Holomisa, uthe isigameko sokungqongqiswa kwePhalamende asisho ukuthi kumele sizibe ukuthi lokhu kungaba ukuhlaselwa kwePhalamende likazwelonke njengoba umbiko wokuqala weKhomishini kaZondo mayelana nokulawulwa kombuso uzoshicilelwa ngoLwesibili oluzayo.
“Ngeke sikuzibe lokhu kungcola okwenzekile obekuhloswe ukuzama ngakho ukuvimba amalungu ephalamende ukuthi ahlangane adingide umbiko ozoshicilelwa,” kusho uHolomisa ebhale ku-Twitter.
Ngokusho kwelungu lekomidi lemeya yaseKapa, uJean Pierre Smith, uthe umlilo awulawuleki, usudlulele nasemahhovisini ahlukene kazwelonke.
“Abekho abantu okusabikwe ukuthi balimele noma bashonile kodwa umlilo awulawuleki. Ngisho nophahla seluqale ukubhidlika sitshelwe nokuthi sekushe kwangqongqa elinye lamahhovisi eqembu i-Good Party,” kusho uSmith ntambama.
Ilungu lePhalamende leqembu i-Cope uWilly Madisha uthe inqwaba yamaphepha nemininingwane ebalulekile isishabalele ngenxa yomlilo.
Uthe kuzoba nzima kakhulu ukubika izinkinga ePhalamende likazwelonke ngoba amaphepha anemininingwane yonke aseshabalele.