Lubhalwe nguLungani Zungu
Sekuphele cishe amasonto amathathu umrepha oseke wawina izindondo eziningi uKiernan “AKA” Forbes wadutshulwa wabulawa eThekwini, kodwa ababulali bakhe basagcwele izinkalo.
Yize ukubulawa kwakhe kuqoshwe ku-CCTV futhi kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana, namanje akakabanjwa umsolwa.
Imithombo emibili ezimele kwa-SAPS itshele i-Scrolla.Africa ukuthi amaphoyisa awasondele nakancane ekubopheni ababulala u-AKA.
“Yonke imikhondo ebesinayo ishaya eceleni. Kodwa senza konke okusemandleni ukuthi abenzi bobubi baboshwe,” kusho umthombo wamaphoyisa onemininingwane ngophenyo.
Lokhu kuhluke kakhulu kulokho okwashiwo uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi cishe emasontweni amabili edlule ngesikhathi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele ekhipha izibalo zobugebengu.
“Besingakabophi muntu. Nokho sesixoxisane nedlanzana labantu e-KZN nase-Gauteng. Sesibaqoqile omakhalekhukhwini, salandela nemniningwane,” kusho uMkhwanazi ngaleso sikhathi.
“Siqoqe amavidiyo kumakhamera e-CCTV. Ukubukwa kwamavidiyo kuyaqhubeka ukuze kube necala eliqinile eliqhubekela phambili,” engeza.
Elinye iphoyisa eliphezulu litshele i-Scrolla.Africa ukuthi “Amaphoyisa enza konke okusemandleni, kodwa iqiniso liwukuthi akulula kangako ukubopha abantu abambulala njengamanje.”
Enye yezinto ezikhinyabeza inqubekela phambili ile-CCTV esisabalele kakhulu ezinkundleni zokuxhumana. Abantu abambulele bakubonile lokhu futhi bazama ukuba phambili kunabaphenyi.”
Embikweni wakamuva we-City Press umndeni wengoduso ka-AKA ongasekho u-Anele Tembe okubikwa ukuthi uzibulele, isola u-AKA ngokushona kwakhe encwadini yomndeni eyabhalelwa i-National Prosecuting Authority.
U-Anele washona ngemuva kokugxuma efasiteleni esitezi esuka ku-10 floor ehhotela i-Pepperclub, eKapa ngo-2021.
U-AKA wadutshulwa wabulawa nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane emgwaqeni u-Florida, eThekwini mhla ziyishumi kuNhlolanja ngo-2023.
Amaphoyisa athi asaliphenya icala.
Isithombe esingenhla: Umrepha owabulawa uKiernan “AKA” Forbes
Umthombo wesithombe: @akaworldwide