Kusele kancane kuvulwe iwindi   lokudayiselana abadlali 

UMasingana ubukeka ukude kubadlali abaningana abajahe kuvulwe iwindi lokudayiswa kwabadlali kubhala uMenzi Magubane.

Khohlwa iziqhumane zangoncibijane. Unyaka omusha usho into eyodwa kubadlali bebhola: kuzovulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoMasingana futhi amaqembu azovunyelwa ukusayinisa abadlali abasha.

Idlanzana labadlali lizobe linethemba lokuthola okungenani izinkontileka namaqembu e-DStv Premiership uma kungewona awaphesheya kwezilwandle.

Abadlali abafana noSamir Nurkovic, uSiphelele Mthembu, uPhilani Zulu noDaniel Akpeyi bonke abebengabadlali be-Kaizer Chiefs basazolidlala ibhola kule sizini njengoba bededeliwe.

NgoMasingana amanxusa abo azobe ematasa ezama ukutholela la badlali amakhaya amasha.

Owayengukaputeni we-Orlando Pirates, uHappy Jele uneshwa lokungalitholi iqembu elisha kusukela eshiye kumaBhakabhaka ekupheleni kwesizini edlule.

UJele ubemataniswa neRoyal AM, kodwa ukufuna kwakhe iholo elikhulu ikhona okumlahlekisela ngamathuba. Nokho uma ehlisa izimfuno zakhe singamubona enkundleni enza into ayithandayo kakhulu ngaphambi kokuthi kuphele isizini ngoNhlaba.

Bonke laba badlali nabanye basenganikela kakhulu ebholeni lakuleli futhi abalandeli babo ngokuqinisekile bangakujabulela ukubabona bebuyela enkundleni.

Abalandeli bebhola bazophinde balindele ukubona ubuso obusha emaqenjini abo obuzobasiza ukuthi baphonsele inselelo isicoco seligi noma indebe ye-Nedbank.

Iwindi lokudayiselana ngabadlali liphinde linikeze amaqembu ithuba lokuvuselela izinkontileka zalabo badlali abadlala isizini yabo yokugcina nabo.

Nakanjani amaqembu azobe ematasa ngoMasingana kanti isizini ekhona izobe isibuya ekhefini leNdebe yoMhlaba ye-Fifa. 

Osesithombeni esingenhla nguHappy Jele

Umthombo wesithombe: @TheSouthAfrican

Izihloko zakamuva