UPitso Mosimane sekusele umdlalo owodwa ukuba abe ngumqeqeshi wokuqala waseNingizimu Afrika ukunqoba isicoco se-CAF Champions League kabili.
UMosimane oneminyaka engama-56 uqeqesha i-Al Ahly esazodlala nezimbangi zayo ezinkulu iZamelek ngoLwesihlanu ebusuku kowamanqamu womncintiswano omkhulu wezwekazi laseAfrika.
Kungokokuqala ukuthi lezi zinkunzi ezimbili zaseGibhithe zihlangane kwi-CAF Champions League.
Umdlalo wamanqamu bekufanele udlalwe ekuqaleni konyaka kodwa wabambezeleka ngenxa ye-Covid-19.
Ngowezi-2016, uJingles okugama aziwa ngalo uMosimane emibuthanweni yebhola, wahola iMamelodi Sundowns eyazakhela udumo lwayo eAfrika. Wabe esegcotshwa njengomqeqeshi waseAfrika wonyaka wezi-2017.
Kwethuse abalandeli abaningi base-Brazil ukuthi umeluleki wabo abamthandayo, oholele i-‘Downs ’esicongweni se-treble, wasula njengomqeqeshi oyinhloko ekuqaleni konyaka.
Ezinsukwini ezingaphansi kwezingama-50 ngemuva kokujoyina iziqhwaga zase-Cairo, wawina isicoco sakhe sokuqala se-Egypt Premier League. Ngesikhathi efika, iqembu belisele neminye imidlalo emine ukuhlabana ngesicoco kanti uJingles ubaluleke ngokuzethemba ngaphandle kokuhlulwa.
Waziwa ngokuthanda kwakhe ibhola laseAfrika, kanti futhi ngeke kumangaze uma ephumelela.
Isithombe: @TheRealPitso