Dylan Bettencourt
Umdlalo waku-Netflix i-Queen’s Gambit ukhuluma ngendaba yowesifazane emdlalweni we-chess, okungumdlalo obuswa amadoda.
Kodwa kuyiqiniso ukuthi abesifazane basazabalaza ukuveza amakhono abo kwezemidlalo.
Ngemuva komqhudelwano we-World Chess obuse-Dubai ngesonto eledlule, umpetha uMagnus Carlsen ukhunjuzwe ukuthi akekho noyedwa owesifazane kubadlali be-chess abayikhulu abahamba phambili.
Wake waba khona uHou Yifan owayesendaweni yama-83, owagcina egxile ezifundweni zakhe.
Umpetha womhlaba osephethe izintambo uthe udaba lokumelwa kwabesifazane kulo mdlalo luyindida kakhulu ukuthi lungaphendulwa ngemisho embalwa. Washo nokho ukuthi isizathu esikhulu sincike ezintweni zamasiko zokushoda kwabantu besifazane kulo mdlalo.
Iphini likaMengameli we-International Chess Federation (i-Fide) lacasuka ngesikhathi lithi ngonyaka wezi-2015 ukushoda kwabantu besifazane kulo mdlalo kubangelwa yi-biology.
“Abesilisa bazimisele ukuba ngabadlali be-chess abangcono kunabesifazane,” esho.
Ngokungangabazeki umdlali wesifazane we-chess ovelele kunabo bonke uJudit Polgar, obekwe endaweni yesishiyagalombili emhlabeni ngesikhathi esezingeni eliphezulu, uthe i-biology ayihlanganise lutho nalokhu.
“Kunobunzima obuningi kanye nemingcele yezenhlalo yabesifazane ngokuvamile emphakathini. Yilokho okuvimbayo,” echazela i-Guardian.
U-Polgar, owahlula ompetha bomhlaba abayi-11 ngesikhathi edlala noCarlsen, ukholelwa ukuthi ukhiye ekukhuthazeni abesifazane abaningi ukuba babambe iqhaza emdlalweni we-chess futhi bangene kwezemidlalo kusenesikhathi.
“Bonke ompetha nabadlali abahamba phambili baqala ukudlala i-chess futhi bajwayelane nomdlalo besebancane kakhulu,” kusho umpetha wase-Hungary.
Ukucwasa ngobulili ngokungangabazeki kuyimbangela enkulu okusamele ilungiswe kwezemidlalo.
Umsakazi womdlalo we-chess odumile u-Alexandra Botez uthe ukubusa kwabesilisa kwezemidlalo kuholele ekucwaseni ngokobulili.
“Emdlalweni we-chess ukuziphatha okubi kakhulu kuye kwaba yinto evamile,” esho.
Inhlangano elawula umdlalo we-chess emhlabeni ithole uxhaso lwayo olukhulu lomdlalo we-chess wabesifazane, oluvela enkampanini yokukhulisa amabele, okuyisinyathelo abaningi abasichaza ngokuthi “sibi” kanye “nokungahloniphi abesifazane.”
Umthombo wesithombe: @EntityMag