Ikusasa leBafana lizohlala limfiliba uma abadlali bakuleli behluleka ukwenza kahle phesheya kwezilwandle, kubhala uMichael Madyira.
Nyakenye isihlabani seKaizer Chiefs uMduduzi Shabalala wamenyelwa ukuzozama ukulwela ukungena eqenjini lesibili lase-Belgium ngaleso sikhathi okwakuyi-KVC Westerlo.
Ube esedlulela e-Spain lapho aqeqeshwe khona ne-Villareal.
Kodwa akukho okungcono okwenzekile njengoba amaqembu ase-Europe engazange ahlabeke umxhwele ngalo mdlali.
Ngaso leso sikhathi, uzakwabo weChiefs nonozinti uBontle Molefe naye walibangisa e-Belgium eyozama inhlanhla e-Royal Antwerp kodwa wangakwazi ukungena.
Ngemuva kokuthi uShabalala abhekise amabombo e-Spain, abafana ababili beStellenbosch FC uFuad Johnson no-Antonio van Wyk nabo batheleke e-Westerlo beyozama inhlanhla khona kodwa nabo bahluleka.
UShabalala, uMolefe noVan Wyk bonke bebeyingxenye yesikwati sakuleli esisanda kwehluleka ukuya ku-Africa Under-23 Nations Cup ka-2023.
Njengoba beyisikwati esithenjiwe kuleli kuyasikhathaza ukuthi abakwazi ukungena emaqenjini amakhulu ase-Europe.
Lokhu kungase kube yinkomba ebuhlungu ekhombisa ukuthi izinga lehle kanjani ku-PSL.
Yilokhu umqeqeshi weBafana uHugo Broos athole ukugxekwa ngakho ngemuva kokugxeka ukuqhudelana kwe-PSL kanti noLucas Radebe wodumo washo okufanayo.
Lokhu kuveza izinhlaka zentuthuko ezingase zehluleke ngokwanele ukulungiselela abadlali izinselelo ezinkulu abangase babhekana nazo.
Abadlali abafana noBenni McCarthy, uSteven Pienaar no-Aaron Mokoena basayine ku-Ajax Amsterdam njengabadlali abasebancane futhi basheshe bazakhela amagama abo e-Europe.
Bahambe bonke ukuyodlala ku-English Premier League, kodwa namuhla ukungena emaqenjini ase-Europe sekuphenduke umqansa kubadlali bakuleli.
Leli yizwe elake lanabadlali abahlanu abangompetha kwi-Premier League; uLucas Radebe waya kwi-Leeds United, uQuinton Fortune waya kwi-Manchester United, uShaun Bartlett waya kwi-Charlton Athletic, uMark Fish waya kwi-Charlton Athletic noMbulelo Mabizela wangena kwi-Tottenham Hotspur.
Kungase kube isikhathi sokuhlala phansi, sicabangisise futhi siqhamuke nezinhlelo eziqinile zokwethula oMcCarthys noRadebes abasha.
Isithombe esingenhla: UMduduzi Shabalala weKaizer Chiefs
Umthombo wesithombe: IKaizer Chiefs