Zukile Majova
Isiteleka sabasebenzi bakwa-Eskom sesiphelile kodwa ukucishwa kukagesi kuzoqhubeka kuze kuphele leli sonto nesonto elizayo.
U-Eskom wethule uhlelo lokucishwa kukagesi oluzophela ngeSonto mhla ziyishumi kuNtulikazi. Kulindeleke ukuthi izinga lesibili lokucishwa kukagesi liqhubeke kanti le nkampani ephehla ugesi ikhiphe isexwayiso sokuthi kuzothatha amasonto ambalwa ukuthi ugesi ufinyelele emazingeni obunawo noma ajwayelekile ngaphambi kokuqubuka kwesiteleka.
“Ngakho-ke ukucishwa kukagesi kuzoqhubeka ngezigaba ezahlukene emasontweni ambalwa azayo njengoba ukushoda kwamandla kuqhubeka,” kusho isitatimende sakwa-Eskom.
Izinga lesihlanu lokucishwa kukagesi lizoqhubeka nokusebenza ngoLwesithathu nangoLwesine okuholela ekutheni ugesi ucishwe amahora ayisishiyagalombili kuya kwayishumi emjikelezweni wamahora angu-24.
Izinga lesithathu lihlelelwe uLwesihlanu kanti elesibili lihlelelwe uMgqibelo nangeSonto.
Le nkampani ithe isivumelwano semiholo nabasebenzi bayo sithayisele u-R1 billion emalini yokuholela abasebenzi.
U-Eskom uthe amandla angu-2,754MW asalungiswa kanti ugesi ongu-16,807MW ulahleke ngenxa yokucekeleka phansi kweziteshi ezahlukene.
Ngale kwesivumelwano sokunyusa imiholo ngo-7% esisayinwe ngoLwesibili, ukusalela emuva kwabasebenzi kuphoqe ukuthi u-Eskom uqhubeke nokucisha ugesi.
Kodwa-ke u-Eskom uhlela ukubathathela izinyathelo abasebenzi abashiye le nkampani ingasebenzi isonto lonke ngesikhathi betelekile.
Lesi siteleka siphoqe u-Eskom ukuthi usebenzise izinga lesithupha lokucishwa kukagesi okokuqala ngqa kusukela ngoZibandlela ngo-2019.
I-National Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) ithe abakwa-Eskom bazobe bengenzi ubuhlakani ngokuthathela abasebenzi izinyathelo zomthetho.
“Ngicabanga ukuthi kuzoba ubulima. Sihlezi lapha ngoba lo mbango uqalwe abakwa-Eskom abaphume ezingxoxweni – hhayi abasebenzi noma izinyunyana,” kusho uNobhalaJikelele we-Numsa u-Irvin Jim.
Umthombo wesithombe: @EskomHoldings