Kusazoqhubeka ukucishwa kukagesi kuleli

Lungani Zungu

Ikusasa libukeka lifiphele kubantu bakuleli ngemuva kokuthi u-Eskom ememezele ngeSonto ekuseni ukuthi isigaba sesithupha sizoba khona unomphela.

Isikhulu esiphezulu sakwa-Eskom u-Andre de Ruyter, uthe kunengozi yokuthi ukucishwa kukagesi kunganwetshwa kudlule isigaba sesithupha.

“Nakanjani sizoba nesigaba esiphezulu sokucishwa kukagesi kuleli sonto,” esho esithangamini nabezindaba ngeSonto ekuseni.

UDe Ruyter uthembise ukuthi, “benza konke okusemandleni” njengoba abasebenzi abanekhono bakwa-Eskom bezama ukuvimbela ukuwa ngokuphelele kohlelo olukhiqiza ugesi.

Isigaba sesithupha siqale ukusebenza ngeSonto ekuseni ngemuva kokulimala kwesikhungo esiphehla ugesi e-Kusile nase-Kriel ngezikhathi zasekuseni ngeSonto.

UDe Ruyter uthe ibhodi lakwa-Eskom kanye noNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uPravin Gordhan babe nomhlangano banquma ukukhuluma nabakwa-Independent Power Producers (IPPs) ukuze bathole ugesi ongu-1 000 megawatts odingekayo ukuletha uzinzo kugesi.

Kodwa uthe ngeke konke lokho kutholakale ngokushesha, okungase kufake izwe ebumnyameni obengeziwe.

Uthe abukho ubufakazi bokuthi imbangela yokucishwa kukagesi okuphindelelayo kubangelwa ukucekelwa phansi kwempahla.

Ukumenyezelwa kwesigaba sesithupha kuvuse ukugxekwa kukaDkt Ruyter kanye nalo lonke ibhodi lakwa-Eskom.

Abantu abaningi bakuleli bangene ezinkundleni zokuxhumana bathi uDe Ruyter owaqokwa ngo-2019 ehle esikhundleni ngoba uyahluleka ukubhekana nalesi simo esibhekene naso. 

Isikhulu sakwa-Eskom uJan Oberholzer uthe bamatasatasa ukuqinisekisa ukuthi amajeneretha angu-18 abuyela emsebenzini kuleli sonto.

Kodwa-ke, ngeke aphoqeleke ekutheni azibophezele kubantu bakuleli ngokuthi lesi sigaba sokucishwa kukagesi kuzokwehliswa nini.

Inkampani ephehla ugesi ithembise ukuthi izohlezi yazisa abantu bakuleli mayelana nesimo sale nkampani ezinsukwini ezizayo.

Izihloko zakamuva