
Linda Ximba
Sekuphele iminyaka eyisikhombisa kwashona umculi owayehamba phambili weSoul Brothers ukuthom”Mdavu” Masondo, kanti leli qembu elidumile lombaqanga belilokhu lidonsa kanzima ukuthola ozovala isikhala sakhe.
Leli qembu lizoqala uhambo lwalo ezweni lonke ligubha iminyaka engu-46 lasungulwa lapho lizodlala izingoma zalo ezindala
Odlala i-Keyboard uMoses “Black Mos” Ngwenya, oyilungu leqembu osaphila, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uMasondo ubenethalente kakhulu.
“Njengoba nazi, uDavid ubenothando nomdlandla ngendlela emangalisayo esiteji ngemidanso yakhe nephimbo lakhe elithambile,” kusho uNgwenya.
“Yingakho sithathe isinqumo sokuthi uThokozani Hadebe noSibusiso Mbatha beqembu elibizwa Abangani ukuthi kube yibo abazosihola ezingomeni zethu ezidumile.
Lo mculi uthe maduze bazoziqinisekisa izinsuku abazovakasha ngazo eGoli, KwaZulu-Natali, eMpumalanga nasemazweni angomakhelwane.
“Kuyasijabulisa ukuthi abaculi sebevunyelwe ukunandise. Ubhubhane lwe-Covid-19 lusiphathe kabi kakhulu,” echaza.
“Abalandeli bethu kumele balindele izingoma ezintsha ezikwi-albhamu yethu entsha esihloko sithi “Iqiniso” futhi sizocula nezingoma zethu zakudala ezithandwa kakhulu njengethi ‘Mama kaSibongile’, ‘Mary’ kanye nethi ‘Isithothobala’.”
UNgwenya wengeze ngokuthi usemkhankasweni wokufundisa abaculi abasafufusa ukudlala i-keyboard.
“Isikhathi sifushane kulo mhlaba. Lokhu kungenye yezifiso zami ezinkulu ukuthi lolu hlobo lwembaqanga lulondolozwe uma sesingasekho. Ngikuthakasele ukudlulisela ulwazi lwami kwabancane”.