Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
UMchunu uthe lalivulwe okwesikhashana ithimba eliphenya ngamacala okubulawa kosopolitiki wathi akazange atshelwe ngokugasela okubalulekile ngoZibandlela ka-2024.
Ikhomishini ilalele ukuthi uMchunu uzobuya ngoLwesine ezophekwa ngemibuzo mayelana nezinsolo zokuthi wagxambukela emsebenzini wamaphoyisa kanye nokuhlangana nezigelekeqe.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu uvele kwiKhomishini kaMadlanga ephenya ePitoli ngoLwesibili ntambama.
Uthe uzogxila odabeni olulodwa kuphela: Ithimba eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki nokuthi kungani alihlakaza ngoZibandlela ka-2024.
Efunda isitatimende asilungisile, uMchunu uthe lolu phiko bekungelona neze olwesikhathi eside kodwa luwela ngaphandle kohlaka olujwayelekile lwamaphoyisa.
Uthe lokhu kumnika igunya lokulivala.
Ithimba beliphenya ngokubulawa kwabantu okuhlobene nepolitiki okuhlanganisa nokubulawa kwabantu abavelele.
Kodwa uMchunu uthe akakaze aziswe ngomkhankaso wokugasela kwalolu phiko ngomhlaka-6 kuZibandlela ka-2024.
Ubuye wabuza ukuthi kungani inhloko yeCrime Intelligence ivunyelwe ukuthi ihole ithimba, wathi kungenzeka kube yiphutha ukunika umuntu oyedwa imisebenzi yomibili. Ithimba lakhe labammeli liholwa ngu-Adv Tembeka Ngcukaitobi owaziwayo.
Ikhomishana ithe ukubonakala kukaMchunu kuphelele ekufundeni isitatimende sakhe ngenxa yengcindezi yesikhathi. Kulindeleke ukuthi abuye ngoLwesine ukuze ezophekwa ngemibuzo.
Ikhomishini iphenya inqwaba yamacala abucayi okuhlanganisa nawokuthi uMchunu ugxambukele emsebenzini wamaphoyisa futhi ube nokubandakangeka nobugebengu.
Uyakuphika konke okubi. Ekhuluma uMchunu, bekushubile enkantolo.
Isinqumo sakhe sokuvala ithimba elijutshiwe sigxekwe kakhulu ikakhulukazi njengoba ukubulawa kosopolitiki kungapheli.
Esithombeni esingenhla: Ukuqhubeka kweKhomishini kaMadlanga namuhla
Umthombo wesithombe:
