Celani Sikhakhane
I-National Consumer Commission (NCC) ibize i-Howe Instant Noodles njengomkhiqizo abawuphenyayo mayelana nokushona kwezingane ezintathu e-Eastern Cape ngenyanga edlule.
Izelamani uSinothando Ngwendu obeneminyaka eyi-11 u-Olwam Ngwendu obeneminyaka eyisikhombisa kanye nomzala wabo onezinyanga ezine u-Athenkosi Ngwendu base-Motherwell e-Gqeberha bashone ngemuva kwamahora bedle ama-noodle.
Ngemuva kwesonto, ezinye izelamani ezimbili, oneminyaka eyi-13 nomunye oneminyaka eyisishiyagalolunye zashona lingakapheli ihora zihlukene ngemuva kokudla ama-noodle.
Ibamba lokakhomishana uThezi Mabuza we-NCC ukuqinisekisile ngoLwesine ukuthi kuphenywa i-Howe Instant Noodles i-Grandisync CC yase-Uitenhage.
“ikhomishana idangele ukuzwa ukuthi izingane ezintathu zishonile ngemuva kokudla ama-noodle imizuzu emibili.
“Kade sisebenzisana nabanye abaqondisi, kodwa okwamanje, ngolwazi oluphambi kwethu, sinezinsolo ezizwakalayo zokuthi umphakeli ubehlinzeka ngempahla engaphephile engadala umonakalo kubathengi nasemphakathini jikelele,” kusho uMabuza esitatimendeni.
UMabuza uthe sebelinde imiphumela ehambile yayocwaningwa.
“Uma kwenzeka uphenyo lwethu luveza ukuthi, ngempela, i-Grandisync CC yephule izihlinzeko zomthetho, lolu daba sizoludlulisela ku-National Consumer Tribunal ukuze bakhiphe inhlawulo engamaphesenti ayishumi esamba senzuzo yabo yonyaka noma izigidi, kungakhathaliseki ukuthi eyiphi leyomali. Okukhulu ukuthi ikhishwe,” kusho uMabuza.
UMabuza wengeze ngokuthi njengabalawuli endaweni yokuphepha kokudla, bazofinyelela kwingqikithi yalolu daba ukuze baqinisekise ukuthi labo abathintekayo bayaphendula.
“Sinxusa abathengi ukuthi bazijwayeze ukuhlanzeka kokudla. Abafakela ezitolo banesibopho sokuvikela abathengi; lapho kunezingozi ezingase zibe khona, abahlinzeki kufanele bazise abalawuli nabathengi abathintekayo,” kusho uMabuza.