Kusale enkundleni abasolwa abathathu bezwana amandla namaphoyisa

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal adubule abulala izigebengu ezintathu ezaziwayo eNanda, kanti lokho kuqinisekiswe okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Jay Naicker.

UNaicker uthe abasolwa abathathu badutshulwe ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ezintatha zangoLwesithathu ngomhlaka-31 kuMasingana.

“Amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi izigelekeqe ezibandakanyeka emacaleni abucayi okuhlanganisa awokubulala enzeke endaweni yaseNanda zicashe emijondolo yaseLungelani e-La Mercy.”

Uthe ithimba lezinhlaka ezahlukene zamaphoyisa okuhlanganisa noKlebe liphikelele kulendawo.

Ngokubona ukuthi sebetholwe amaphoyisa abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni kwabe sekuqala ukudubulana.

“Abasolwa abathathu badutshulwe bashona, kanti amaphoyisa athole izibhamu ezimbili kubasolwa. Kukholakala ukuthi amanye amalungu eqembu akwazile ukubaleka,” kusho uNaicker.

“Usaqhubeka umkhankaso wokuthungatha abanye abasolwa asebehlukumeze kakhulu izakhamuzi zaKwaZulu-Natal. Amaphoyisa angeke aphazamiswe ilutho ekwenzeni umsebenzi wawo wokulwa nobugebengu kanye nokuphenya amacala.”

Isithombe esingenhla: Iveni yamaphoyisa.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva