Kusale enkundleni abasolwa abane abebebamba imoto yemali eKZN

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal adubule abulala abasolwa abane okusolwa ukuthi bebebamba imoto yemali ngesikhathi kudutshulwana e-Estcourt ngoLwesithathu ntambama.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe abasolwa abane babulawe ngesikhathi bedubulana namaphoyisa omgwaqo.

UNetshiunda uthe idlanzana labasolwa abebehamba ngezimoto ezintathu baphoqe imoto yemali ukuthi ime base bephuca onogada izibhamu zabo ngaphambi kokweba imali.

“Abasolwa babe sebedubulana namaphoyisa omgwaqo kwalimala amaphoyisa amabili,” esho.

Uthe amaphoyisa i-Estcourt Highway Patrol abe esephendula nawo adubulana nabasolwa. “Abasolwa abane badutshulwe bashona ngesikhathi sokudubulana.

“Izibhamu ezimbili ama-AK 47, i-R5, i-pallet gun nesamba semali esingadalulwanga kutholwe kubasolwa.”

Uthe enye yezimoto zabasolwa yadunwa e-Germiston, eGoli ekuqaleni kwale nyanga. Amaphoyisa asathungatha abanye abasolwa.

Izihloko zakamuva