Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kushone abasolwa ababili abebehlomile oyedwa walimala kabi ngesikhathi bedubulana namaphoyisa e-Olifantsfontein, Ekurhuleni ngoMsombuluko.
Isigameko esimangalisayo senzeke ku-M57 eduze kwase-Oakmoor e-Olifantsfontein.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli uLieutenant-Colonel Mavela Masondo uthe amaphoyisa e-Crime Intelligence alunywe indlebe mayelana nokugebenga kuhlonyiwe nokudunwa kwezimoto obekuzokwenziwa abasola Ekurhuleni.
“Ithimba lezinhlaka zomthetho, okuhlanganisa i-SAPS Ekurhuleni Central Crime Intelligence, i-SAPS Highway Patrol Unit, i-Gauteng Traffic Police Saturation Unit, i-Tracker Connect kanye ne-Bad Boyz Security basebenzise imininingwane abayinikiwe base beqapha kulendawo,” kusho uLieutenant-Colonel Masondo.
Uthe ithimba libone abasolwa abathathu abebehamba ngemoto yohlobo lwe-GWM SUV lase libabamba.
“Abasolwa badubule bebhekise kuleli thimba kwabe sekuqala ukudubulana.
“Imoto yabasolwa ishayise uthango abasolwa ababili bashona ngesikhathi umsolwa wesithathu elimala kabi.”
Uthe alikho iphoyisa elitholile umyocu.
Endaweni yesigameko kutholwe izibhamu ezintathu ezingekho emthethweni kanye nemoto okubikwa ukuthi idunwe e-Sandringham, eGoli ngasekuqaleni kwenyanga yafakwa nenombolo yokubhalisa yomgunyathi.
Amajakhethi okusolakala ukuthi awabasolwa asale phansi nezibhamu. Izidumbu ezimbili ezinamanxeba ezinhlamvu bezilele phansi.
Akuphelanga sikhathi esingakanani ngemuva kokudubulana kwafika isithuthi seziguli sathatha umsolwa olimele waphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo.
Umsolwa uzobekwa icala lokwakha itulo lokubamba inkunzi kuhlonyiwe, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, ukutholakala nemoto eyebiwe kanye nokuzama ukubulala phakathi kwamanye amacala.
Abasolwa bazophinde bahlolisiswe kahle ukuze kutholakale ukuthi abahlobene yini nobunye ubugebengu.
Esithombeni esingenhla: Imoto eyebiwe
Umthombo wesithombe: Everson Luhanga