Lucky Maree
Uma amaBhokobhoko esebhekene nama-All Blacks eMbombela kule mpelasonto ngubani ozoba namandla kakhulu enkundleni? Ngabe u-Eben Etzebeth noma uPatrick Tuipulotu ubani onethonya kakhulu enkundleni uHandré Pollard noma uBeauden Barrett.
Owesilisa onamandla kakhulu nonethonya elikhulu enkundleni kuzoba ngunompempe wase-Australia u-Angus Gardner.
Uhlelo olusha lwamakhadi olucutshungulwayo futhi oseluqalile kwezinye izingxenye zomhlaba luwuhlobo oluyinkinga kakhulu lohlelo olwangena ebholeni ngo-1995.
Umthetho omusha wekhadi elibomvu udinga ukuthi umdlali akhishwe imizuzu engu-20 futhi angashintshwa ngomunye umdlali. Ochwepheshe abakwazi ukuvumela le ndlela yekhadi elibomvu uma lokho kuzokwenza umdlalo ushintshe.
Kodwa ibhola lo mbhoxo umdlalo odlalwa inani elilinganayo labadlali ohlangothini ngalunye. Okwenziwayo kusobala kakhulu futhi kwenziwa ngendlela ekhethekile.
Ukuphoqa iqembu ukuthi lidlale nabadlali abambalwa kunenani eligcwele kuba nomthelela kumphumela womdlalo.
Kunezibonelo eziningi zamakhadi athinta ukudlala kodwa i-England yabona uCharlie Ewels eboniswa ikhadi elibomvu ngemuva kwemizuzwana engu-82 bebhekene ne-Ireland ku-Six Nations ngoNdasa futhi lokhi kwakuyisibonelo sakudala sokuthi umdlalo nomncintiswano ungathonywa kanjani.
Emdlalweni eyandulela kowamanqamu yesikhombisa kuma-Commonwealth Games ngeSonto ama-All Blacks agcine edlale nabadlali abahlanu cishe imizuzu emibili yokugcina. Futhi i-Fiji iwine umdlalo obangwa kakhulu ngephuzu elilodwa.
Ngabe ubani owenza lezo zinqumo? unompempe. Kujwayelwe ukuthiwa uma unikeza umuntu isibhamu esandleni sowesilisa umnika amandla okudubula.
Kunezinto ezimbili ezibalulekile kumdlalo webhola lombhoxo. Okokuqala ngaphandle kokungabaza umdlalo webhola lo mbhoxo kumele kube umdlalo ophephile. Okwesibili ibhola lombhoxo umdlalo wabadlali abalinganayo ohlangothini ngalunye.
Cabanga ngesibonelo somdlalo wangeSonto obaluleke kakhulu i-Fiji ewunqobile esikhathini esengeziwe.
Kunjani uma unompempe engabona enza okuthile amuxwayise kunokuba amukhiphe ngaphandle? Ngalokho umdlalo uzoqhube ngemuva kwawo ithimba lochwepheshe linquma ukuthi umdlali kufanele ajeziswe kanjani.
Bangase bakuthathe njengesigameko esenzeke kumdlalo webhola lombhoxo noma lokho kungaholela ekuhlawulisweni noma ukuvinjelwa isikhathi esithile.
Nalokho kuyinkinga cabanga uBeauden Barrett evinjelwe imidlalo emithathu. Lokho kungaba isijeziso esikhulu, kodwa emdlalweni olandelayo iqembu kingamele libuye ngaphandle kwakhe, kodwa neqembu eligcwele.
Futhi uhlelo lwamakhadi ebholeni lombhoxo luthuthukele ezingeni elihlukile.
Umdlali ubeka izandla zakhe ukuze avimbe ibhola uma elibambile uyiqhawe, uma ehlulekile noma alishaye liye phambili lokho kuchazwa njengesenzo esenziwe ngamabomu bese kukhishwa ikhadi eliphuzi.
Emdlalweni wakamuva uJaco Peyper uzwakale kwima kumbhobho enkindleni ethi: “Nami angikuthandi, kodwa kuwumthetho, kusho uMnu Peyper eqhubeka ethi akekho oyithandayo!
Kuthiwani ngomuntu oshaywa emoyeni?
Lokho kubizwa ngokudlalia kabi umdlali yebo, kodwa kwenzeka kanjani ukuthi kube umdlali othwala icala? Kingani bengakuthathi njengephutha?
Futhi ngaphezu kwanoma yini enye abenzi bemithetho ngicela bavume ukuthi umdlalo webhola lo mbhoxo unenani elilinganayo labadlali nhlangothi zombili!
Umthombo wesithombe: @MoneyMan