Kusakhona imndeni ehlalele ovalweni ngemuva kokulahleka kwamalungu awo ngesikhathi sokuzitapela ezitolo

Everson Luhanga

Kunokwesaba emndenini yalabo abayisithupha, abaduka ngesikhathi besuka emakhaya abo e-Tembisa beyojoyina ababezitapela ezitolo ngoNtulikazi, njengoba kusolakala ukuthi basha ngesikhathi kuqhuma i-gas esitolo sase-Tembisa.

UShenky Siyabonga Padima, uPholane Sthembiso Ndlovu, uMelusi Innocent Sibiya, uSilvia Ines Rodrigues, kanye noKgabo Thabitha Morema bangabanye abahamba beyojoyina ababezitapela ezitolo ngoNtulikazi mhla ziyi-13, kanti kusolakala ukuthi basha ngesikhathi kuqhuma i-gas esitolo sakwa-Shoprite e-Tembisa Plaza.

Sekuphele izinyanga ezimbili, kodwa awukho umkhondo okhombisa ukuthi bakuphi, futhi imndeni yabo isihlezi ihlalele ovalweni.

Amaphoyisa aqinisekisile etshela i-Scrolla.Africa ukuthi imizimba eyisithupha yatholakala ezitolo ngemuva kokuqhuma kwe-gas. Noma kunjalo, kodwa imizimba abakazi ukuthi ngeyabani ngoba bashe bangabonakala.

UPhuti Caiphus Moremi, unkosikazi wakhe uKgabo Thabitha Morema owahamba nalabo ababeya ukuyozitapela ezitolo, uthi uhlezi ebheke emnyango ongaphambili enethemba lokuthi uzombona engena ngelinye ilanga.

Unkosikazi wakhe washiya izingane zabo ezine wathi uyojoyina laba ababezitapela ezitolo zase-Tembisa. Abaphindanga bambona.

“Lesi isikhathi esinzima empilweni yami. Bengijwayele ukwenza imsebenzi emncane, kodwa manje angikwazi ngoba kumele ngigade izingane zami. Uma ngabe ungomunye wabantu abasha ngesikhathi kuqhuma i-gas, ngiyafisa ukumenzela umngcwabo ohloniphekile,” kusho uPhuta etshela i-Scrolla.Africa.

Umama kaSiyabonga, uThembelihle Vilakazi , uthi usesele nemicabango kuphela yengane yakhe ngaphandle kokubona ithuna lakhe.

“Ngiyazi ukuthi mhlawumbe useshonile. Kodwa engikufisayo ukumngcwaba ngiphinde ngimenzele umsebenzi, kusho uThembelihle.

UCremildo Rodrigues uthe umndeni usuhambe amakhaza amaningi ufuna unkosikazi wakhe uSilvia owahamba ekhaya eyojoyina ababezitapela ezitolo.

“Sisalinde ulibofuzo kule mzimba eyatholakala ezitolo ishile ngemuva kokuqhuma kwe-gas, kodwa ukulinda kuyasibulala ngaphakathi,” kusho uCremildo.

Okhulumela amaphoyisa u-Constable Patricia Mgijima uqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya amacala abantu abalahlekile.

UMgijima uphinde waqinisekisa ukuthi abezocwaningo lwamaphoyisa e-SAPS bakwazile ukuthatha ulibofuzo kwimizimba emithathu njengoba abathathu bebeshe kakhulu.

Uthe yonke imindeni eyisithupha baxhumanile nayo futhi bathatha ulibofuzo ukuze kuzovela ukuthi ngabe amalungu emndeni yabo yini.

Izihloko zakamuva