Celani Sikhakhane
Sekufakelwe ingcindezi undunankulu waKwaZulu-Natali uSihle Zikalala ukuba athathele uNgqongqoshe wezempilo namanye amalungu e-MPL izinyathelo ngemuva kokuphuma kwevidiyo eqoshiwe bephula imigomo ye-Covid-19.
Ividiyo iveza uNgqongqoshe waKwaZulu-Natali uNomagugu Simelane nabangani bakhe bezijabulisa bedansa bengazifakile izifonyo bengaqhelelene. Le vidiyo isabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili.
Ividiyo eqoshiwe iveza ukuthi bekukhona ilungu lePhalamende uZinhle Cele, owezokuxhumana kwezempilo KwaZulu-Natali uNtokozo Maphisa kanye nabanye.
UNcamsile Nkwanyane we-IFP-MPL uthe ividiyo iveza ubufakazi bokunganakwa ngokuphelele komthetho nokuphepha komphakathi.
“Lokhu kuyishwa elibi kakhulu futhi kwenzeke ngesikhathi kunegagasi lesithathu le-Covid-19 nenani labantu asebethelelekile linyuka. Njengoba sikhuluma inani elisha labantu abane-Covid-19 KwaZulu-.Natali bayizi-3,000” kusho uNkwanyane.
Ubuholi besifundazwe beqembu le-ANC kumele luqondise izigwegwe kuNgqongqoshe namanye amalungu e-ANC avela kwividiyo kusho uNkwanyana.
Okwiqembu le-DA uZwakele Mncwango uthe ubhalele uZikalala ukuba enze uphenyo.
UNgqongqoshe uSimelane usexolisile washo nokuthi izifonyo bebengazigqokile ngoba kade bedla.