Kuqubuke umlilo esontweni okwangcwatshwa kulo uTutu

Dylan Bettencourt

Kuqubuke umlilo esontweni okwalothiswa kulo uMbhishobhi uDesmond Tutu.

“Lo mlilo kusolwa ngathi udalwe yinto ephoswe ngefasitela elincane eduze nezitebhisi ezikhuphukela emnyango wokungena esontweni. Kukhona obonakale ebaleka esontweni,” kusho umphathi wesonto uFata Michael Weeder ngeSonto ebhale ezinkundleni zokuxhumana.

“Mkhulu umsebenzi owenziwe abezicishamlilo futhi bavikele  umonakalo omkhulu njengoba bese kusele intuthu ebisalokhu ishunqa. Kodwa  indawo engaphansi ibingakahlolwa.”

Akubanga khona ukulimala noma umonakalo obikiwe njengoba umlilo ucishwe ngokushesha.

UTutu owahlonishwa nge-Nobel Peace Prize ushone ngoZibandlela eneminyaka engu-90.

Isonto lapho umlotha kaTutu wangcwatshwa khona libudebuduze nePhalamende elasha ngomhlaka-2 kuMasingana.

UZandile Mafe, obhekene necala lokushisa iPhalamende, usagqunywe esitokisini njengoba elindele ukuqulwa kwecala lakhe ngemuva kokunqatshelwa kwesicelo sebheyili ngoLwesihlanu.

Umthombo wesithombe: @Wikipedia

Izihloko zakamuva