Kuqubuke udweshu phakathi kukahulumeni wase-Cameroon namavukelambuso

Dylan Bettencourt

Emahoreni ambalwa ngaphambi kokuthi i-Mali ilungiselele umdlalo wayo we-African Cup of Nations 2021 (i-Afcon) kuphoqeleke ukuthi imise ukuzilolonga njengoba kusuke udweshu olukhulu phakathi kwamasosha kahulumeni wase-Cameroon namavukelambuso abehlomile.

Kuthiwa amavukelambuso avuke umbhejazane agasela edolobheni eliseduze nendawo i-Limbe, lapho i-Mali ne-Gambia kade bezilolongela khona.

Ukudubulana phakathi kwalezi zinhlangothi kuholele ekutheni kushone abantu ababili kwathi abanye abahlanu balimala. Kuthiwa leli dolobha liqashwe ngamasosha ngenxa yodweshu olukhona endaweni.

“Ithimba lase-Mali liyeke  ukuzilolonga lase liphuma ezinkundleni zemidlalo zase-Molyko. Amadoda amabili angaziwa atholakale eshonile emakethe yase-Buea Central kulandela ukuqhuma kwezibhamu phakathi kwe-Ambazonia namasosha kahulumeni,” kubika incwadi yendawo.

Abahlaseli bake baxwayisa uhulumeni wase-Cameroon ukuthi angayisingathi imidlalo ye-Afcon ezindaweni ezisentshonalanga yezwe futhi sebeshilo ukuthi yibona abasuse udlame lwanamuhla ntambama.

Isishoshovu samalungelo abantu, uBlaise Chamango uthe uzwe kuqhuma isibhamu ekuseni ngaphambi kokuba balunywe indlebe ngokuthi kunesiqhumane emakethe eseduze.

“Amaqembu angekho ngaphansi kombuso afuna ukwakha isithombe sokuthi akumele kwenzeke lutho esifundeni esiseningizimu-nentshonalanga ngesikhathi somqhudelwano we-Afcon,” etshela i-Daily Mail.

Umdlalo obuphakathi kwe-Mali ne-Tunisia uqhubeke ngokohlelo kanti i-Mali iwine ngo 1-0 emdlalweni wayo wokuvula walo mqhudelwano, ngephenathi evela kumdlali wayo oyisihlabani esikhulu seqembu, u-Iraima Kone ekuqaleni kwesiwombe sesibili.

Iqembu lesizwe lase-Mauritania nalo libe ngundabuzekwayo e-Cameroon njengoba kubonakale leli qembu lihamba eduze kwezindonga zehhotela labo, liphelezelwa amasosha namaphoyisa abehlomile ngaphambi kokuthi kuqale umqhudelwano.

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva