Kuqubuke udlame oludlule cishe nemiphefumulo yabangu 200 enyakatho-ntshonalanga ye-Nigeria

Arthur Greene

Babalelwa kwabangu-200 abantu okuthiwa bashonile ngemuva kokuhlaselwa kwamadolabhana ase-Kamfara e-Nigeria ngeSonto ngamadoda abephethe izibhamu abehamba ngezithuthu.

La madoda ayizigelekeqe ebehlomile ahlasele imiphakathi esifundazweni kusukela ngoLwesibili  kwaze kwaba uLwesine, evulela ngenhlamvu ezixukwini ebezibaleka aphinde ashisa nemizi yezakhamuzi zase-Nigeria.

UNgqongqoshe wezindaba zosizo lwabantu uSadiya Umar Farouq uthe abantu abangaphezu kuka-10,000 basale dengwane ngesikhathi “izindlu zabo zicekelwa phansi izigebengu, ezingasabonakali nangokhalo”.

Iningi lalabo abakwazile ukubaleka ngenkathi kuhlaselwa babuyele ezigodini zangakubo ngempelasonto bafica amasosha engcwaba abantu abaningi abashonile.

Amasosha athe isibalo esiqoshiwe sabashonile singu-58, kodwa imiphakathi yendawo ithi baningi ukudlula lokho abashonile.

Amasosha agasela kulesi sifunda ngoMsombuluko ngaphambi kokuthi kuqubuke lokhu kuhlasela, abulala abahlaseli abangaphezu kuka-100, okuhlanganisa nabaholi babo ababili.

I-Zamfara iyisifunda esinezinkinga kakhulu enyakatho-ntshonalanga ye-Nigeria. Izigodi zakule ndawo zihlezi zihlaselwa izigelegeqe.

La maqembu ahlomile asenze amacala ayizinkulungwane okuthumba, ukubulala kanye nezenzo zodlame locansi.

Izihloko zakamuva