Kuqubuke udlame enkundleni ngesikhathi i-Esperance ibhekene neJS Kabylie 

Kubukeka sengathi i-apocalypse ifikile ngesikhathi somdlalo obuse-Tunisia phakathi kweqembu lasekhaya i-Esperance ne-JS Kabylie yase-Algeria.

Inkundla yonke ibe nesiphithiphithi ngesikhathi kuqubuka isigameko sodlame enkundleni, okuholele ekutheni kubambezeleke imizuzu engu-40  ngesiwombe sesibili emdlalweni we-CAF Champions League.

Abasebenzi bonogada bakwa-Esperance bathwale kanzima ngemuva kokuthi abalandeli begasele esitolo ebesinezinto zamathuluzi njengoba omunye umlandeli eqhamuke nesaha.

Izithombe ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana zikhombisa owesilisa efake isikhafu esimnyama endaweni engezansi yobuso ephethe isaha phakathi kothango olunqanyuliwe.

Umlandeli we-Esperance uWalid, obehambele yonke imidlalo yasekhaya yeqembu ku-Champions League kule sizini, uchaze udlame njengento engeyinhle futhi lufana nokuba sendaweni yezimpi, “njengoba abalandeli bebelwa namaphoyisa, kwabizwa izicishamlilo.

Abanye abalandeli bashise izingxenye ezahlukene zenkundla.

Bangu-60 sebebonke ababoshiwe okubalwa nezingane ezingu-12.

I-Esperance, okuyiqembu lasekhaya kanye nompetha base-Afrika asebenqobe amahlandla amane, lingase libhekane nokukhishwa kwi-Champions League uma abahleli bomqhudelwano i-CAF belandela lolu daba.

Ngesizini edlule i-Esperance ijeziswe ngendlela efanayo ngemuva kokuqubuka kodlame ibhekene nezimbangi zase-Tunisia, i-Etoile Sportive Sahel.

Ngemuva kwalokhu uNgqongqoshe wezangaphakathi e-Tunisia, uKamal El-Feki umemezele uphenyo wathembisa ukuthi uzobajezisa abathintekayo.

UKabylie ukhiphe isitatimende ekhuluma ngalokho iqembu elikubiza ngokuthi isihogo, echaza izigameko zeziqhumane zezinhlobo ezahlukene ezigcwele inkundla, ubugebengu obenziwa abalandeli bendawo kanye nokusetshenziswa kwesisi esikhalisa izinyembezi onogada bendawo okwenze kungaphefumuleki.”

Ukudlala ngokulingana kwe-Esperance(1-1) ne-Kabylie kubenze banqoba ngamagoli amabili kwelilodwa sekuhlanganiswe yonke into, okubenze bangena kowandulela owamanqamu bebhekene ne-Al Ahly yase-Egypt.Umlenze wokuqala uhlelelwe ukuthi uqale ngomhlaka-12 kuNhlaba.

I-CAF ikhiphe isitatimende igxeka lesi sigameko yathi kumele kwandiswe izinyathelo zokuqinisekisa ukuphepha emidlalweni.

Luhlanganiswe intatheli yakwa-Scrolla

Isithombe esingenhla: Izigcawu ze-apocalyptic

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva