Kuqubuke isiteleka kwenye imayini

Celani Sikhakhane noKamogelo Olaitan

Abasebenzi basemayini iSibanye-Stillwater e-Carletonville baqale isiteleka emasontweni ayisikhombisa edlule kanti bayanqaba ukubuyela emsebenzini kuze kube kuhlangatshezwana nesicelo sabo sokunyuselwa umholo ngo-R1 000.

Kodwa imayini ayigudluki esiphakamisweni sayo sika-R850, esinqatshwa abasebenzi.

Abasebenzi abangaphansi kwe-Association of Mineworkers and Construction Union (i-AMCU) ne-National Union of Mineworkers (i-NUM) bathethise uMengameli uCyril Ramaphosa ephuma esiteji ngesikhathi kunombuthano we-May Day e-Rustenburg, njengoba bebona kufanele uhulumeni angenelele.

Ngenxa yalokhu imisebenzi yokumba igolide e-Sibanye-Still water isamile.

Abasebenzi abebetelekile badinwe bagane unwabu ngesikhathi kuvela ukuthi isikhulu seSibanye-Stillwater uMnu Neal Froneman uhole ngaphezu kuka-R300 million wezinhlelo zamaholo namasheya nyakenye.

Umholo wakhe kanye nebhonasi ngaleso sikhathi bekungu-R20 million.

Babalelwa ku-24,000 abavukuzi abatelekile sebebonke asebelahlekelwe imali engaphezu kuka-R1 billion wamaholo.

UMengameli we-AMCU uMnu Joseph Mathunjwa uthe kuyichilo ukuthi uFroneman uhola imali engaka kodwa wenqaba ukunyusela abasebenzi u-R1 000.

“Lokhu kusho ukuthi uhola u-R210 ngomzuzwana no-R1 000 ngomzuzu kodwa akafuni ukuhlangabezana nezidingo zabasebenzi. Umholo wakhe ka-R300 million ulingana no-R10 000 wabasebenzi ababalelwa ku-2000 ngenyanga. Abasebenzi abangabuyeli emsebenzini kuze kube kuhlangatshezwana nezimfuno zabo,” kusho uMathunjwa.

UMathunjwa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bazohlangana nabaphathi beSibanye-Stillwater ngoLwesine ukuze bathole indlela yokuxazulula le nkinga ekhona.

Esitatimendeni iPhini likaMengameli weSibanye-Stillwater uRichard Cox uthe ngeke baphoqwe ukuthi bavumelane nezimfuno zabo waphinde wathi asikwazi ukuzikhokhela futhi lokhu kubeka engcupheni ukusimama komsebenzi wabo.

“Maqondana nalokhu noma ikuphi ukushuba kwesiteleka sezinyunyana ngeke kube nomthelela esimeni sethu sokuvikela izidingo zabo bonke ababambiqhaza,” kwengeza uCox.

Izihloko zakamuva