Kuqubuke indida ngokufanele bamele iMK esiShayamthetho eKZN

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kusuke esinamathambo abaholi boMkhonto weSizwe Party (MKP) besho ukuqedana ezindlini zesiShayamthetho saKwaZulu-Natal bebanga amaphepha anohlu lwamagama alabo okumele bayofungiswa kusasa ngoLwesihlanu.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi abanye abaholi boMkhonto weSizwe abebethi bathunywe umholi weqembu uMnuz Jacob Zuma ukuzobhalisa amagama abazofungiswa bafike bazithela kobenguMdidiyeli woMK eKZN osaxoshwa esikhundleni uMnuz Nhlanhla Ngidi naye elethe olwakhe uhla abethi olwabantu abazomela leli qembu.

Kubenesixakaxaka nalapho uNgidi ekubeke kwacaca ukuthi yena uphethe uhlu olusemthethweni nolubhaliswe kukhomishana yokhetho.

Lesi sigameko senzeke ngaphambi kwehora leshumi nambili emini ngesikhathi wonke amalungu amaqembu ebezobhalisela ukuba afungiswe ngoLwesihlanu kusasa.

UNobhala weSishayamthetho uNkk Nerusha Naidoo ugcine edideka ukuthi yiluphi uhla okumele alamukele ukuze ludluliselwe kuMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal uNkk Portia Poyo-Dlwathi okunguye ozofungisa amalungu amasha eSishayamthetho angu-80.

“Ngenxa yokuthi alukho uhla engingalamukela phakathi kwenu. Ngicela nibuyele emuva niyolungisa inkinga yenu ukuze nibuye nohla oludingekayo olulodwa.

“Okwamanje amagama abantu be-MK angaphezulu kuka-37 esenginikezwe wona ekubeni bethole izihlalo ezingu-37 kuphela,” kusho uNkk Naidoo echazela amalungu amasha azofungiswa kusasa.

Ukucacisile ukuthi akekho umuntu ozovunyelwa ukungena eChamber engekho ohlwini olugazethiwe lwamalungu azofungiswa.

Uphinde waveza ukuthi uzoxhumana nethimba lezomthetho ehhovisi lakhe ukuba limelileke ukuthi ngabe i-MK izokwazi yini ukuchibiyela uhla lwayo njengoba kuvumeleke ukuba lokho kwenzeke ngemuva konyaka ngokwemigomo yekhomishana ebhekele ukhetho.

Kwenzeka lokhu nje owayengumholi weNadeco uDkt Ziba Jiyane osejoyine uMK udinwe uyaveva njengoba ekhala ngokuthi ngesikhathi bejoyina babethi bangena eqenjini kodwa bengazi ukuthi bajoyina uZuma nendodakazi yakhe uNkk Duduzile maZuma-Sambudla.

Leli qembu kuthe ngoMbasa lafaka uhla lokubambisa sekuvalwe amehlo kwiKhomishama yoKhetho ngemuva kokuba owayenguNobhala-Jikelele uMnuz Thanduxolo Gorbachev Dyodo abaleka nohla olwaselwenziwe.

UZuma wathi kuyothi kungadlula ukhetho balushintshe bafake olusemthethweni.

Izihloko zakamuva