Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Sekuqubuke imvunge eNdlunkulu kaZulu ngoNdunankulu wesizwe uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ngokuqoka kwakhe izitha zeSilo uMisuzulu kaZwelithini ekomitini likaHukumeni lokuxazulula imibango yobukhosi KwaZulu-Natal.
Lokhu kulandela ukuthi uButhelezi kuthe izolo ngoLwesine wabiza isithangami esiphuthumayo lapho ebezomemezela ukuthi useqoke uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, uMntwana uMathuba kaBhekuzulu, uMntwana uVulindlela kaBhekuzulu ekomitini elizolamula imindeni ebanga isihlalo sobukhosi ezizweni ezahlukene.
Kuthe angamemezela leli komiti njengoNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu kwaqubuka umsindo abantwana bengena ezinkundleni zokuxhumana bebabaza.
“Ndabezitha sebeyangethuka Mageba, kwabanye inkukhu inqunywe umlomo.
Mina ngibuze ukuthi ngoba asikaze sizwe iNdlulamithi ithelelana amanzi nabo kulo msindo abawenzile abeNkosi bazoziphatha kanjani izimiso zaMaduna eSilo abangasifuni futhi bayomukeleka kanjani eMakhosini bengakaze baxolise, basule amacala abawabeka iNdlulamithi?,” kubuza omunye wabantwana.
Uqhube wathi ngabe yibona kuphela yini abantwana abathenjwayo endlunkulu nasebekhulile obekungakhethwa kubo.
“Kungani uMfundisi ebone kukuhle alande uhla lwabakhapheli beNdlulamithi bodwa futhi abalande bonke babe yisigungu njengoba beyiso belwa neSihlalo? Iziphi lezi abayokwazi kuzixazulula uma besahlulwa kubona iNkosana eNdlini kwabo?
“Bazoyihlonza kanjani ezizwe zaMakhosi benze indlela yokulamula bengakaze bazilamule ezasendlini ekubeni kuyibo abadala uthuthuva kuze kube manje?,” kubuza uMntwana eligodliwe igama lakhe.
UMntwana uMbonisi kwenzeka lokhu nje ufake iSilo enkantolo esivimba ukuba siqoke uButhelezi njengoNdunankulu wesizwe kanti ufuna sehle esihlalweni kungene uMntwana uBuzabazi wakwaDlamahlahla ozalwa uNdlunkulu ukaMathe.
Ngakolunye uhlangothi uMntwana uVulindela noMntwana uMathuba bona basekela uMntwana uSimakade kaZwelithini ukuba kubenguye ongena esihlalweni.
Nokho uButhelezi ukucacisile ukuthi uqoka laba Ntwana nabanye abakuleli komiti ngoba benomlando omude wokusebenza neNgonyama ebuzile uMdlokombane ezindabeni ezithinta ubukhosi bakwaZulu.
Uveze nokuthi okunye ukwenze lokhu ngokugunyazwa umthetho wesigaba sika-2005 ovumela uNgqongqoshe ukuba aqoke ikomiti elizobhekana nezinkinga ezikhungethe izizwe zamakhosi.