Kuqubuke imibuzo ngomdlali osekuphele isikhathi engabonakali enkundleni

Lubhalwe nguLinda Ximba

Ukuqhubeka nokungadlali kukaPeter Shalulile enkundleni kususe izinkulumo ezinhlakeni zebhola.

Kuvele imibiko yokuthi lo mdlali odabuka e-Namibia akeneme kuMamelodi Sundowns kanti usefuna ukuphuma ngewindi lokuhwebelana ngabadlali elizovulwa ngoMasingana.

Kuthiwa uShalulile uyadinwa ngoba ukholwa ukuthi kufanele aye emadlelweni aluhlaza njengoba namaqembu ase-Europe ebuze ngomsebenzi wakhe.

Okwenze kwaba nemibuzo mayelana nokungabi khona kwalo mdlali enkundleni, ukungacacisi kahle komunye wabaqeqeshi beSundowns uRulani Mokwena ngesikhathi echaza ngokulimala kwalo mdlali.

Lo mdlali owake wagijima kuHighlands Park usephuthelwe imidlalo emihlanu ilandelana.

Ngemuva kokunqoba ngamagoli amahlanu kuMaritzburg United ngoLwesibili, uMokwena ukhulume ngoShalulile.

“Ubhekwa ngongoti kanti uthola nokwelashwa futhi kuyasijabulisa lokho njengoba sinethemba lokuthi uzobuya ngokushesha, kodwa ngokuqinisekile ngeke atholakale kuze kuphele ikhefu leNdebe Yomhlaba.

“Bekunzima kakhulu ukuxilongwa kwakhe, kodwa kuhlobene ne-hernia yezemidlalo ingakho kudingeke ukuthi ayobonana nongoti abathathu abehlukene,” kusho uMokwena.

Ukunqoba kweSundowns eMgungundlovu kwenzeke ngemuva kosuku abaphathi beqembu beyichithile indlela yokuqeqesha, baqinisekisa uMokwena njengomeluleki ohamba yedwa kanti owayengumqeqeshi wakhe uManqoba Mngqithi wehliswe esikhundleni sokuba ngumqeqeshi omkhulu.

Umqeqeshi wangaphambilini uSteve Komphela uqokwe njengomqeqeshi weqembu lokuqala.

ISundowns izobhekana neRoyal AM ekuhambeni okuzobe kuwumdlalo wayo wokugcina ngaphambi kwekhefu leNdebe yoMhlaba ngoMgqibelo.

UMokwena ubonakale ekhombisa ukujabula okunesizotha ngesikhathi enikwa isicoco sokuba ngumqeqeshi.

“Sisenaye umqeqeshi wethu ohlonishwayo uManqoba. Kanti nomqeqeshi uSteve uyahlonishwa nomsebenzi wakhe uyazikhulumela. Kusakhona umqeqeshi uWendell kanye nalo lonke iqembu lethu lezobuchwepheshe, akukho okushintshile. 

Ukubaluleka kwami akuhlukile akekho omkhulu kunomunye noma kuneqembu,” kusho Mokwena.

Abasesithombeni esingenhla nguRulani Mokwena noPeter Shalulile

Umthombo wesithombe: Gavin Barker/Backpage

Izihloko zakamuva