Arthur Greene
Njengoba izinsalela zamathambo kaRodzon Enriquez zisuswa ethuneni lakhe elincane likakhonkolo, umama wakhe umile nje uyabukela.
URodzon owaneminyaka engama-24 ubudala wabulawa eminyakeni emihlanu eyedlule, ngemuva nje kokuba uMengameli uRodrigo Duterte esungule iMpi Yakhe Yezidakamizwa eyaduma kabi, wayalela izakhamizi namaphoyisa ukuba babulale imilutha yezidakamizwa.
Ngaphandle kokubulala labo amazwe amaningi abengacabanga ukuthi bagula ngengqondo, lo mkhankaso ugxekwe kabanzi ngokugxila kakhulu kwabampofu ezweni.
“Uma kukhona abantu enibaziyo abayimilutha, qhubekani nibabulale ngokwenu ngoba ukutshela abazali babo ukuthi bakwenze kungaba buhlungu kakhulu,” kusho uDuterte etshela umphakathi ngemuva nje kokufungiswa kwakhe ngowezi-2016.
Ngemuva kokudutshulwa abulawe ngamaphoyisa elele, izinsalela zikaRodzon zafakwa ethuneni elilingana nebhokisi lomngcwabo emathuneni ezimboni e-Manila, inhloko-dolobha yezwe.
Yena, kanye namashumi amaningi ezinkulungwane abebeyizisulu zempi kaDuterte yokulwa nezidakamizwa, wafakwa ethuneni “lamafulethi” eligcwele abantu elilingana imali eyizi-R1,460.
Kodwa leyo ntengo ithengela kuphela umndeni isikhala emathuneni iminyaka emihlanu. Manje, ngaphezu nje kwenyanga ngemuva kwesikhumbuzo seminyaka emihlanu sokuqala kweMpi Yezidakamizwa, inkinga isondele.
Imindeni eminingi ngeke ikwazi ukukhokhela enye indawo, futhi izosala esimweni esibuhlungu sokuhlala nezinsaleleni zezihlobo zayo esezashona.
“Angifuni ukuthi amathambo akhe alahlwe kude,” kusho umama kaRodzon, uCorazon, etshela i-AFP.
“Bengifuna ukuba naye ekhaya – noma ngabe umzimba wakhe awusekho lapha, ngiyazi ukuthi usekhona,” kusho uCorazon ngomlotha ahlela ukuwugcina kuze kutholakale enye indawo.
Umama ososizini uthe indodana yakhe ibisebenza ethekwini lokudoba ephuza i-methamphetamine ukuze ehlale ephapheme ngesikhathi sokushintsha ebusuku.
Ukubhekana nale nkinga, enye inhlangano esiza abantulayo yamaKatolika izama ukusiza imindeni engakwazi ukukhokhela imali yokuqasha ngokuthi amathambo omuntu oshonile ashiswe futhi angcwatshwe e-columbarium.
Le phrojekthi iqhutshwa nguFata uFlavie Villanueva, umgxeki ozwakalayo kaDuterte. Ubheke ukuthi izinkulungwane zemizimba izodinga indawo yokuphumula “ehloniphekile” eminyakeni ezayo.
“Sekukhulu kakhulu ukuthi ulahlekelwe ngumuntu omthandayo – ngabe nawe kufanele ulahlekelwe amathambo akhe?” kusho umpristi, okumanje usebenza ubusuku nemini ukuthola imali yokwenza lo msebenzi.
Abashushisi be-International Criminal Court bacele uphenyo olugcwele ngempi yezidakamizwa.
Umthombo wesithombe: @AieBalagtasSee