Kuqubuka impi phakathi kwezelamani ezibanga indlu yomndeni

Doreen Mokgolo

Izelamani zakwaZondo ezivela KwaThema, e-Kurhuleni zibambene ngezihluthu ngenxa yendlu yomndeni.

Impi iqhubeke isikhathi esingaphezu kweminyaka eyishumi kanti manje wonke amaqhinga aphumile esikhwameni njengoba omakhelwane bebukela kude.

Emasontweni amabili edlule amawindi endlu aphulwe phakathi kwamabili nguMfundisi uDuduzile Zondo.

Ngesonto eledlule ezigamekweni ezimbili ezahlukene izingane ezimbili zikwazile ukweqa kulabo okusolwa ukuthi babebathumbile ngesikhathi enye isendleleni ebuya esikoleni enye idlala emgwaqweni.

UBusisiwe Zondo uthe impi yendlu yaqala ngowezi-2007 nokuthula kwaphela phakathi kwabo.

“UDuduzile wayefuna ukuthi umama ashiye indlu yakhe ethi ungumnikazi wendlu, wathi ubaba wethu ongasekho wayishiyela yena njengoba enguthunjana. Udadewethu wayeneminyaka emithathu ngenkathi kushona ubaba wethu eshiya ezinye izingane ezinhlanu,” echaza.

Ngowezi-2011 umama wabo ongasekho uSylvia Zondo wayisa lolu daba enkantolo lapho okwakhishwa khona isinqumo esivuna umama wabo.

Inkantolo yayalele umfundisi ukuthi aphume aphele endlini kwazise wayesekhule ngokwanele ukuthi angaba neyakhe.

“Wenqaba ukuhamba waqhubeka nokuthuka umama wethu njalo uma ethola ithuba umama waze washona ngesifo senhliziyo ngemuva kweminyaka emibili,” engeza.

Ezinyangeni ezimbili ngemuva kokungcwatshwa kukamama wabo, lezi zelamani zanquma ukubuyisela udaba enkantolo lapho kwanqunywa khona ukuthi bathengise indlu ngaphambi kokuba kubulawe omunye wabo.

Omunye udade, uMantombi Zondo wengeze ngokuthi uDuduzile wanyamalala iminyaka eyisikhombisa waphinde wavela emasontweni amabili edlule wakhipha ushevu wakhe.

Ekuphawuleni kwakhe uDuduzile uthe noma izingane zakwabo zingamvulela amacala, lokhu ngeke kulonakalise igama lakhe ngoba ugcotshwe ngegazi likaNkulunkulu.

Wengeze ukuthi bangayithengisa indlu futhi akafuni ngisho isenti lemali okuthengiswe ngayo.

Okhulumela amaphoyisa aKwaThema, uConstable Nkululeko Magudulelo ukuqinisekisile ukuthi kuphenywa icala lokucekela phansi impahla nokuzama ukuthumba.   

Izihloko zakamuva