Kuqothwe abane kwesokuhlasela

Joseph Chirume

Kuthe abesilisa nabesifazane behlezi beziphuzela kwaqhamuka izimoto ezimbili kwaphuma abesilisa abane bahlukanisa abesilisa nabesifazane ngemuva kwalokho kwashuba.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier uTembinkosi Kinana uthe abantu abayisishiyagalolunye bebehleli nabanye egaraji ngesikhathi kuqhamuka izimoto ezimbili zama esangweni lomuzi ose-Bethelsdorp e-Gqeberha ngoLwesine ekuseni.

“Abasolwa abane abangaziwa okuthiwa bebezifihle ubuso baphume ezimotweni bangena esangweni kuthiwa bahlukanise iqulu labantu ngemuva kwalokho kwaqhuma inhlamvu.”

UBrigadier Kinana uthe abantu abane abangaziwa iminyaka yabo bashonele endaweni yesigameko kwathi abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-29 no-31 balimala baphuthunyiswa esibhedlela esiseduze.

“Kumanje kusaphenywa. Amacala amane okubulala amahlanu okuzama ukubulala abhalisiwe, kodwa akekho osaboshiwe,” kusho uKinana.

UKinana uthe uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General uNomthetheleli Mene usekhiphe umyalelo wokuthi angapheli  amahora angu-72 bengaboshiwe abasolwa.

Kunezinsolo ezithi kulendlu okuhlaselwe kuyo kudayisa izidakamizwa.

Le ndlu kuthiwa eyomunye wezisulu.

UKinana uthe iSAPS icela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ukuthi athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze noma athinte inombolo ye-Crime Stop 0860010111.

Scrolla World Cup Quiz