Sizwe Sibiya
I-Albinism Society of South Africa iqophe umlando ngokuba nomcimbi kaMr and Miss Albinism okokuqala ngqa eNingizimu Afrika: abadle umhlanganiso uLerato Sethibe wase-Free State kanye noBrian Makhubela waseMpumalanga.
Ngemuva kokuwuhlehlisa lo mcimbi kaningi ngenxa yobhubhane, iNingizimu Afrika igcine ikwazile ukulandela ezinyathelweni zamanye amazwe ase-Afrika, afana ne-Uganda, i-Kenya kanye ne-Tanzania asebebambe lo mqhudelwano iminyaka eminingi ukuqwashisa nge-albinism.
Umsunguli walo mqhudelwano futhi owafinyelela kowamanqamu kuMr South Africa 2016, uGodfrey Mphatswe, uthwese abanqobile izicoco zikaMr and Miss Albinism emcimbini obuse-Victory Theatre e-Houghton, eGoli ngoMgqibelo.
UMphatswe, osebenze isikhashana njengelungu lebhodi likaMr South Africa, uthe ugqugquzelwe yimincintiswano efana nalena amenywa kuyo ukuba ayoba ijaji e-Zimbabwe nase-Malawi.
Uthe le miqhudelwano inikeza isikhala lapho abantu abane-albinism becobelelana khona ngolwazi abanalo.
“Nganginokuhlangana nabantu abane-albinism futhi ngibe nezingxoxo nabo ngokuthi bazizwa kanjani, yiziphi izinselelo zabo nokunye,” kusho uMphatswe etshela i-Scrolllla.Africa.
“Ngabona ukuthi bazizwa bekhishwa inyumbazane, sengathi akekho onendaba nabo. Uyazi ukuthi kunzima ngisho ukuthola umsebenzi ngoba banezidingo ezikhethekile,” kusho uGodfrey engeza ngokuthi ukungaboni kahle nokungaboni nhlobo kuyinselelo enkulu kubantu abane-albinism.
Khonamanjalo, kwabayi-19 abangene kowamanqamu, abaphume isibili balo mqhudelwano uMnu uPaul Moroe noNksz uSasekani Masingi baqokwe njengezishoshovu kuMr and Miss Albinism SA.