Kuqokwe owesifazane okokuqala ngqa kwesiphezulu seSafa

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Isigungu esilawula ibhola lakuleli siqoke isikhulu sokuqala sowesifazane ngemuva kokusula kuka-Advocate Tebogo Motlanthe emsebenzini ngoLwesihlanu.

UMengameli we-Safa, uDanny Jordaan umemezele ukuqashwa kukaLydia Monyepao esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko.

“Lona kuzoba ngowesifazane wokuqala oqokwe njengesikhulu esiphezulu kanye nomphathi webhola lakuleli.

“Isinqumo esithathwe ikomidi sibe ukuvumelana. Wonke umuntu ukuvumile ukuqokwa kukaLydia Monyepao njengesikhulu esiphezulu ebholeni lakuleli.”

Kulindeleke ukuthi uMonyepao atshele uhulumeni ngoLwesibili mayelana nesicelo se-Safa sokungenela i-Fifa Women’s World Cup yango-2027.

Uthe usezimisele ukusebenza futhi uyalwazi uhlelo lwamathenda.

“Bengisebenzisana kakhulu no-Advoc Motlanthe ezindabeni eziningi nasezintweni ezibalulekile ebholeni lakuleli,ngakho nginolwazi ngokwenzekayo nalokho okufanele kuqhutshekwe phambili.

“Bengizibandakanye kakhulu nebhodi lango-2027 kanye nebhola labesifazane nokunye obekwenzeka ngakho-ke,ngizongena ezicathulweni kodwa ngicabanga ukuthi kufanele ngizimisele ngenze umsebenzi wami.

“Ngakho-ke, ngizowuthatha umsebenzi ngenze okuningi.”

Lo wesifazane owake wadlalela iBanyana Banyana, kulindeleke ukuthi aqale alungise  izingxabano phakathi kwe-Safa ne-Premier Soccer League esanda kunqaba ukuhambela ingqungquthela yebhola ebihlelwe i-Safa.

UMonyepao uza nolwazi kanye nemfundo yobungcweti okumenza simufanele lesi sikhundla.

Uphuma neziqu ze-BCom azithole eNyuvesi yase-Witwatersrand, i-BCom Honours in Accounting ayithole eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ne-Masters kwi-Sport Management ayithola e-Loughborough e-England.

Ubuya ohlelweni lwango-2019 lwe-Fifa Women in Football Leadership Programme e-Zurich.

Esithombeni esingenhla: ULydia Monyepao ungowesifazane wokuqala ukuqokwa njengomphathi we-Safa

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva