Kuqokwe amalungu amasha ebhodi leNgonyama Trust

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ibhodi leNgonyama Trust eliphethe umhlaba onamahektha alinganiselwa ku-2.8 million ngaphansi kweNgonyama seliqoke amalungu amasha.

NgoMsombuluko ubuso babaholi bendabuko abasebasha bebuphakathi kwamalungu ebhodi amenyezelwe uNgqongqoshe wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya uThoko Didiza.

INgonyama Trust ebingenabhodi kusukela ngoMbasa nyakenye inamalungu ayisishiyagalolunye amenyezelwe ngoMsombuluko.

Obengusihlalo waleli bhodi isikhathi eside iJaji uJerome Ngwenya usanda kususwa esikhundleni kanti kumenyezelwe iNkosi uThanduyise Mzimela njengosihlalo omusha webhodi ngokusemthethweni.

Ukuqokwa kukaMzimela iSilo samaBandla uMisuzulu kudale ukungaboni ngaso linye phakathi kweSilo noMntwana uMangosuthu Buthelezi.

U-Advocate Linda Zama uyisekela likasihlalo webhodi.

Amanye amalungu engeziwe kubalwa iNkosi uSbonelo Mkhize, iNkosi uMabhudu Tembe, iNkosi uBokang Molefe, uDkt Thandi Dlamini, uLisa Del Grande, uNomusa Zulu kanye noDandy Matamela.

Bonke laba baholi bendabuko bayigazi elisha ngemuva kokuthi bethathe isikhundla soyise abakhothama njengabaholi bamakhosi ezindaweni zabo ezazikhonza ngaphansi kweSilo uZwelithini.

Leli bhodi liqokwe ngokomthetho waKwaZulu-Natal weNgonyama Trust Act ka-1994.

“Ibhodi libunjwe iNgonyama/iSilo noma lowo oqokwe nguye ongusihlalo webhodi. La malungu amane aqokwe uNgqongqoshe ngemuva kokubonisana neSilo, uNdunankulu kanye noSihlalo weNdlu yoBuholi boMdabu esifundazweni,” kufundeka isitatimende soMnyango.

Esithombeni esingenhla: Amalungu amasha ebhodi leNgonyama Trust iNkosi uSbonelo Mkhize, iNkosi uBokang Molefe kanye neNkosi uMabudu Tembe

Umthombo wesithombe: The South African Royal Families

Izihloko zakamuva