
Linda Ximba
Bangu-20 abashayisibhakela baseNingizimu Afrika abaqokelwe ukumela izwe emiqhudelwaneni ezayo yamazwe ngamazwe njengoba izwe libheke ukuthuthukisa izinga lesibhakela kumazwe ngamazwe.
Abashayisibhakela abamele izifundazwe eziyisikhombisa babuthene ezivivinyweni zikazwelonke ezibanjelwe edolobheni lase-Glencoe e-Dundee, KwaZulu-Natali kusukela ngoLwesithathu kwaze kwaba uMgqibelo.
Iqembu-A kanye neqembu-B bazoya ekhempini e-Gauteng ngenyanga ezayo ukuze balungiselele imidlalo ye-Zone 5 e-Angola ngoMbasa.
Abashayisibhakela besifazane bazoqhudelana kwi-Women’s Boxing Championships e-Istanbul, ese-Turkey ngoNhlaba.
Abawine izindondo zegolide bazokhethwa ukuthi bamele iNingizimu Afrika kwimidlalo yodumo yama-Commonwealth Games ezoba se-Birmingham e-UK kusukela ngomhlaka-28 kuNtulikazi kuya kumhlaka-8 kuNcwaba.
Ukuphuma igazi, nezinyembezi bekuyizinto zosuku ngesikhathi abashayisibhakela belwela ukungena eqenjini laseNingizimu Afrika.
Abalandeli bebelokhu bemincile phakathi nomqhudelwano ngenxa yamandla aqhumayo abekhonjiswa abashayisibhakela.
Umbango osunesikhathi eside ukhona phakathi kweKZN ne-Eastern Cape wenze kwaba imidlalo ethokozisayo. Lo mqhudelwano uphele sekukhona abashayisibhakela besifazane abahlanu baseKZN nabangu-12 base-Eastern Cape abangene kuleli qembu.
UMengameli we-SA National Boxing Organisation, uSiyabulela Mkwalo, uthe bahlabeke umxhwele ngezinga lomqhudelwano.
“Leli qembu labasubathi liyikusasa lesibhakela saseNingizimu Afrika. Kubongwe abaqeqeshi nabaphathi ngokuqeqesha kahle laba bashayisibhakela abakhombise amakhono amangalisayo,” kusho uMkwalo.
Wengeze ngokuthi inhlangano yezemidlalo ibheke phambili kuma-olimpiki ase-Paris eminyakeni emibili ezayo.
“Sisemkhankasweni wokwakha iqembu elinamandla elizobuya nezindondo kuma-Olympic Games wonyaka ka-2024.”
Abashayisibhakela besifazane uLethukuthula Sibisi (50kg), u-Anele Ndlovu (70kg), uPhilile Ndelu (57kg) noLerato Mathibela (60kg) benze kahle, kumqhudelwano obuqhamuka ohlangothini lwe-Western Cape nase-Gauteng.
Abafana base-Eastern Cape uSiseko Teyise (54kg), noTiisetso Matikinca (51kg) odle izindondo zegolide emqhudelwaneni wakuleli owawuseKapa ngonyaka odlule ngoMfumfu, baphinde banqoba umdlalo e-Dundee.